OweStellies uzibona ewathatha womathathu amaphuzu kwiPirates

USteve Barker ocija iStellenbosch FC
Sihle Ndlovu

Umqeqeshi weStellenbosch FC, uSteve Barker, uthi akukho okunye akufunayo kwi-Orlando Pirates ngaphandle kwamaphuzu amathathu.

La maqembu azotholana phezulu emdlalweni weDStv Premiership, eDanie Craven Stadium, eKapa, ngoLwesithathu ngo-7.30 ebusuku. IStellies iwalangazelele kakhulu amaphuzu amathathu ngemuva kokuqala isizini ngokubambana ngo 0-0 neMarumo Gallants ngempelasonto edlule.

Ngakolunye uhlangothi iBucs ishayela phezulu kulandela ukuvula isizini ngokushaya iSwallows ngo 1-0 emdlalweni womkhaya ngempelasonto.

“Akulula ukudlalela ekuhambeni emdlalweni wokuqala wesizini njengoba bekumele siye ePolokwane,” kusho uBarker.

“Uma ngibheka indlela esidlale ngayo ngizolamukela iphuzu esilithole sidlala ekuhambeni. Nakanjani leli phuzu limqoka kakhulu uma singalilandelisa ngamaphuzu amathathu uma sesibhekene ne-Orlando Pirates ngoLwesithathu ebusuku.”

IStellies ayiwadedeli kalula amaqembu uma idlalela eDanie Craven ngakho nakanjani lona kuzoba wumdlalo onzima kwiBucs.

“Ngiyazi ukuthi iPirates iphuma ekuwineni ngakho inokuzethemba. Nakanjani bazofuna ukuqhubeka lapho beyigcine khona ngoLwesithathu.

“Kodwa nathi kumele siziveze ngoba umdlalo wethu wasekhaya. Kufanele sizibeke esimeni sokuthi sibuye nawo amaphuzu amathathu. Siyajabula ngabadlali abasha esibatholile futhi sethemba ukuthi iqembu lizohlangana uma kulokhu kuqhubeka imidlalo.”

Leli qembu laseKapa kuzomele lihlangane ngokushesha njengoba imidlalo yeDStv Premiership iza ngokulekenyana kakhulu kule sizini. IStellies idlale kahle kakhulu ngesizini edlule ngakho uBarker angajabula uma ingaqhubeka lapho.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.