OweSundowns uphika ukuthi basizwa yimali ukuheha abadlali

OweSundowns uphika ukuthi basizwa yimali ukuheha abadlali
UThlopie Motsepe ngesikhathi emukela uSIpho Mbule kwiMamelodi Sundowns
OkaDonga Gumbi

Impumelelo yeMamelodi Sundowns kule minyaka embalwa edlule seyisuse izinkulumo mpikiswano kodwa usihlalo wayo uphika eyokuthi yimali eheha abadlali eChloorkop.

ISundowns ishiye ozakwabo kwiPremier Soccer League bencela izithupha njengoba ibancintele zonke izicoco ngisho ezemiklomelo yokuphela kwesizini.

ISundowns iwole zonke izicoco kusukela kwiMTN8, Nedbank Cup neDStv Premiership futhi zonke izidle kalula nje.

Izinkulumo nokho zithi kufanele kwenzeke kanje ngoba iSundowns iqoqa bonke abadlali abahle bayogxisha kuyo, amanye amaqembu asale ekhathuluza la isishiye khona.

NoMandla Ncikazi we-Orlando Pirates wakuveza ukuthi ukuvunyelwa kweSundowns ukuthi isebenzise imali eningi uma kusayinwa abadlali kuyenza ibe sesimweni esingcono kunamanye amaqembu.

Nokho uThlopie Motsepe uthi ayikho leyonto bona abasetshenzelwa yimali yakubo ukuthi abadlali abahle beze khona.

FUNDA NALA: Uncome umqeqeshi owine iPrince Mangosuthu Marathon

“Mina engingakusho wukuthi sibonile kusayiniswa abadlali uma kuvulwe iwindi ngesizini edlule kodwa bekungeyona iSundowns yodwa eqoqayo,” kusho uMotsepe.

“Indlela esiyisebenzisayo ukuheha abadlali kwiSundowns akuyona imali kodwa wukuthi umdlali yena uzimisele ngani, ufuna ukuzuzani ebholeni.

“Asisetshenzelwa yimali. Kuba wukuthi umdlali ufunani. Seneme ngalaba badlali esinabo futhi yibo abenze sawina lezi zindebe esinazo kumanje.

“Yingoba babefuna ukuza lapha eqenjini futhi sebekuvezile ngemisebenzi yabo ukuthi bakufanele ukuba lapha,” kuchaza uMotsepe.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *