OweSundowns usola iChiefs nePirates ngokubhaca kwabo kwiChampions League

OweSundowns usola iChiefs nePirates ngokubhaca kwabo kwiChampions League
Alfred Ngubane 

Ukungabi nezimbangi eziqinile kwiligi kuleli kweMamelodi Sundowns yikho okuyenza ifike ikhale ngaphansi kwiCaf Champions League.

Lokhu kuvezwe umqeqeshi waleli qembu uRulani Mokwenza ngemuva kokuba leli qembu liphinde lazidlela kalula isicoco seDStv Premiership okwesihlanu kulandelana.

Kuzokhumbuleka ukuthi iSundowns iwina lesi sicoco nje isanda kudumaza abalandeli bayo iwashiswa ijezi yiPetro de Luanda kwiChampions League.

Lokhu kuyenze yahlekwa abalandeli bamanye amaqembu ngokuthi ihlezi ifukamela amaguncu kulo mqhudelwano yize kuleli icoboshisa konke.

UMokwena ubuzwe ngokuthi ngabe uyakuqaphela yini ukuthi iSundowns isiyiphendule eyayo iligi yakuleli.

Isicishe ifane neyaseFrance neyaseGermany asebizwa ngeleFarmers’ League ngenxa yokubusa kwamaqembu awodwa kuwo.

EFrance iParis St Germain ehlezi izidlela amahlanga kanti eGermany yiBayern. Nawo alamaqembu, ngokusho kukaMokwenza adonsa kanzima kwiChampions League yase-Europe.

“Ukugwema isimo esinjalo kumele ube nezimbangi eziqinile. Uma ubheka indada yeBayern nePSG yokuthi baziwina kanjani izicoco zabo…

“Kodwa njalo uma kade enezimbangi eziqinile ekhaya benza kahle nakwi-Uefa Champions League,” kusho uMokwena.

FUNDA NALA: UZwane uthi uyakuqonda okwenze uNgcobo enze lobuhlathi abenzile bedliwa yi-Arrows

“IBorussia Dortmund, yake yayi thwalisa kanzima iBayern. IPSG yahamba yafika kowamanqamu kwiChampions League kulo nyaka iLille yayiqinile kunayo ekhaya.

“Ukuba nezimbangi eziqinile kwabasiza ukuthi nabo baqinise kakhulu futhi benyuse nezinga labo. Ukuqinisekisa ukuthi nathi sinezimbangi eziqinile kwiDStv Premiership ngebhadi akukho ezandleni zethu.

“Zikhona izimbangi ezingagcina ziqinile. Amanye amaqembu anabo abadlali abahle abangadlala ngsiho phesheya.”

Yize engabange awadalule ngamagama lamaqembu abona kufanele aqine ukuze akwazi ukuncintisana neSundowns, kodwa kucacile ukuthi ukhuluma ngeKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates.

“Uma ubheka ukuqokwa kweqembu lesizwe (iBafana Bafana) uthola inqwaba yabadlali abaphuma emaqenjini okumele azame ukuba yizimbangi eziqinile kwiSundowns.

“Kuwumsebenzi onzima ke nokho lokho, futhi ngiyajabula ngoba awukho ezandleni zethu.”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.