OweSundowns wesese ngokuba kwiBafana Bafana

ULyle Lakay
Sihle Ndlovu

ULyle Lakay, weMamelodi Sundowns, unethuba elihle lokuqala umdlalo uma iBafana Bafana seyibhekene neGuinea emdlalweni wobungani eKortrijk, eBelgium, ngoLwesihlanu ngo-7 ebusuku.

ULakay ungomunye wabadlali obekulokhu kukhalwa ngabo ukuthi umqeqeshi weBafana, uHugo Broos, ubuye abashiye ngaphandle, yize besefomini emaqenjini abo.

Leli nxele belike libizwe kwiBafana phambilini kodwa emidlalweni yokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2022, like lazitshwa. ULakay ujabule ngokuba seqenjini lesizwe elizoyibamba emidlalweni ebalulekile.

“Kuhlale kuyinto eyehla kamnandi kakhulu ukumela izwe lakho,” kusho uLakay.

“Kuhle ukuba seqenjini lesizwe futhi. Angikhumbuli ukuthi yinini kahle lapho ngangiseqenjini lesizwe. Kuyiphupho lanoma yimuphi umdlali ukumela izwe lakho.”

ULakay uthe ubengazihluphi kakhulu ngokungabizwa eqenjini lesizwe yize ebenza kahle eqenjini lakhe, iSundowns.

“Ngihlale ngizitshela ukuthi uma ngibiziwe ngizojabula kodwa ngingabizwanga akusho ukuthi sekuwukuphela komhlaba. Okwami nje ukuthi ngiqhubeke ngisebenze kanzima,” kusho leli nxele.

Ngemuva komdlalo wangoLwesihlanu, iBafana izolibangisa eFrance lapho izobhekana khona neqembu lakhona lesizwe, eLille, ngoLwesibili. ULakay uthe kuzobakhulisa ukutholana phezulu nompetha base-Europe.

“UKylian Mbappe omunye wabadlali abahamba phambili emhlabeni njengamanje. Kube khona uKarim Benzima nabanye. Engizitshela kona ukuthi ungazivivinya njengomdlali ukuthi umi kanjani ubhekene nabaphambili emhlabeni.

“Izinga labo liphezulu kakhulu kunelethu. Nokho kumele sizibone ukuthi simi kuphi nokuthi yikuphi lapho kumele ulungise khona,” kuphetha uLakay.

IBafana izobhekana neGuinea engekho umdlali osefomini kulezi zinsuku, uGoodman Mosele, we-Orlando Pirates, ngenxa yokuthinteka. Nokho uBroos uqinisekise ukuthi uzobe ekhona uma iqembu selibhekene neFrance.

editor@impempe.com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.