OweSuperSport akafihli ukuthi ufuna ukuyodlala kwiDowns

URonwen Williams
Sihle Ndlovu

Ukaputeni weSuperSport United, uRonwen Williams, useveze isifiso sakhe yokuyodlalela iMamelodi Sundowns ngesizini ezayo.

UWilliams usho lokhu ngesikhathi ekhuluma neSABC lapho engafihlanga khona ukuthi yinto angayijabulela kakhulu ukuwelela kuleli qembu elidume ngokuwola bonke abadlali eNingizimu Afrika.

“Nakanjani. Ubani nje ongeke afune ukudlalela iqembu elibe ngompetha bezindebe ezintathu,” kusho uWilliams obuye abe ngukaputeni weBafana Bafana.

“Baphezulu kakhulu ebholeni laseNingizimu Afrika njengamanje futhi sekube njalo isikhathi eside. Futhi kungangisiza kakhulu ukudlala kwiCAF Champions League, noma iConfederation Cup, ngoba ngiyingxenye yeBafana Bafana.

“Ngakho uma kuqhamuka ithuba, kubekwa okukahle etafuleni bese neqembu lijabule, siyoxhawulana siqhubekele phambili.”

Uma uWilliams egcina kwiSundowns uzobe elandela abadlali abafana noTeboho Mokoena, Aubrey Modiba noSipho Mbule, abahlwithwe Abafana Ba-Style.

“Ngicabanga ukuthi ngisesikhathini lapho kumele ngilwele khona izinto. Ngibona ukuthi ngenze kahle eminyakeni edlule kodwa sizobona emasontweni ezayo,” kuphetha uWilliams.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.