OweSuperSport usola ‘ubuwula’ kowe-Arrows, bazobhodlela kwiChippa

OweSuperSport ubalisa 'ngobuwula' ababenze beshaywa yi-Arrows
UJesse Donn
OkaDonga Gumbi

Ubezwakala noma ekhuluma umdlali weSuperSport United uJesse Donn ukuthi kumnengile ukuhlulwa kwabo yiGolden Arrows ngempelasonto edlule.

ISuperSport ihambe phambili kwaze kwaba kabili kulo mdlalo kodwa ukuhluthukelwa yizinhliziyo kwabagadli bayo kwaphoqa ukuthi iqede umdlalo seyisele nabadlali abayisishiyagalolunye.

Lokhu bekulandela ukukhiswhwa ngamakhadi abomvu kukaThamsanqa Gabuza no-Iqraam Rainers.

Abafana Bes’thende abazange besacucuza njengoba bebuye sebelandela ngemuva ngo 2-1, bagcina bewine ngo 3-2 kulo mdlalo obusePrincess Magogo Stadium.

“Umphumela esiwuthole sibhekene ne-Arrows usiphoxile. Ngicabanga ukuthi besinethuba elihle lokuwina kulo mdlalo,” kusho uDonn.

“Besibahlaziye kahle futhi ngibone sengathi besiwuphethe umdlalo. Kodwa izinqumo zethu eziwubuwula esizenzile asibeke endaweni embi futhi sagcina sihluliwe.

“Siphoxekile ngoba besihamba phambili futhi besibona singabuya namaphuzu amathathu ekuhambeni ngemuva kwekhefu.

FUNDA NALA: UNurkovic ukhala ngokulimala okubanqinde amandla ekuhubheni iSundowns

“Kodwa ngebhadi esingakwenza manje ngalo mdlalo wukufunda emaphutheni esiwenzile ngoba vele kumele sizisole thina.”

ISuperSport izobe ixhugela phambili uma seyibhekene neChippa United ngoLwesibili ntambama emdlalweni okulindeleke ushube njengoba womabili lamaqembu ebuya endukwini embi nje.

“Akubalulekile ukuthi nabo abawinanga, nathi kumele sisheshe sikudlulise ukuphoxeka kwethu ngemuva kokushaywa yi-Arrows.

“Ukugxila kulokho kungagcina kusiphazamisa emdlalweni olandelayo ngoba bayiqembu elihluke kakhulu kunaleli esibuya kulo.

“Sinabo abadlali abanethalente futhi abangakwazi ukusitholela umphumela omuhle kwiChippa. Uma singagwema amaphutha nakanjani singawathola amaphuzu agcwele.”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.