OweSwallows akanaso isiqiniseko sokuthi uzobuya ngesizini ezayo

UDylan Kerr
Sihle Ndlovu

UDylan Kerr, oqeqesha iSwallows FC, akanaso isiqiniseko sokuthi uzobe esacija lona leli qembu ngesizini ezayo.

Lo  mqeqeshi uveze lokhu ngemuva kokuthi esize iZinyoni zaqhubeka nokuhlala kwiDStv Premiership. ISwallows iqinisekise ukuthi izobe iyibamba kwiligi ephezulu kuleli, ngemuva kokushaya i-University of Pretoria ngo 1-0 emdlalweni wokugcina wokuhlunga eLucas Moripe Stadium, ngoLwesithathu.

“Okwamanje ngidinga ukuya ekhaya ngiyoxazulula zonke izinkinga engibhekene nazo, bese ngiyabuya,” kusho uKerr ngemuva komdlalo.

“Ngethemba ukuthi ngizobuya kodwa ngeke wazi ebholeni. Ngifisa ukubuya ngizame ukugqugquzela uthando lwebhola kwiPSL.”

Ngeke asolwe kakhulu uKerr uma engabaza ukuthi uzobuya yini njengoba ebholeni laseNingizimu Afrika umqeqeshi echithwa noma elisizile iqembu. UDan Malesela usize iMarumo Gallants yahlala kude nezembe kodwa ngeke abuyele kuyona ngesizini ezayo.

“Bekunzima kakhulu kimina, kunzima kubadlali nasemindenini yethu. Akekho owaziyo ukuthi kuzokwenzani manje kodwa ngibonga wonke umuntu eqenjini ngokuzinikela,” kuphetha uKerr.

UKerr akaqali ukusindisa iqembu ezembeni njengoba enzile kwiBaroka FC kumasizini edlule. Nokho leli qembu lidliwe yizembe kulokhu nokuchaza ukuthi lizogijima kwiGladAfrica Championship ngesizini ezayo.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.