OkaDonga Gumbi
Usihlalo weSwallows FC uDavid Mogashoa usephendule sakubhuqa izinkulumo ezishiwo nguBrandon Truter obengumqeqeshi waleli qembu phambilini.
UTruter usole abaphathi beSwallows ngokusebenzisa izindlela ezingalungile ukuzama ukumphoqa ukuba asule kulelu qembu ukuze bangamkhokheli.
UTruter uphinde waveza ukuthi kuze kube yimanje akakakhokhelwa izimali akweletwa zona yileli qembu laseSoweto elimxoshe maphakathi nesizini.
Nokho uMogashoa usengene kwiTwitter ngenkulumo engashayisa ngisho umfazi wasesithenjini ngamahloni ngendlela ebhuqa ngayo.
Ufake isithombe sengulube ilele idakeni wabe esesiphelezela ngombhalo othi: “Mngani wami uhlakaniphe kabi wena ukuthi ungazifaka kulento – lokhu ngake ngakutshelwa nguRoman Abramovich.”
Lesi sithombe sibonakala siwukutshela uTruter ukuthi ufana nenngulube kanti uMogashoa ngeke yena alwe nayo odakeni.
Phela kunesisho sesiNgisi esithi uma ulwa nengulube odakeni noma ungawina akusizi ngoba nawe uphuma umanaphanapha wudaka usufana nayo vele.
Uphinde wabhala wathi, “OThabiso (Mosia weMetro FM) bazokunikeza izipikha ukhulume kodwa kusasa mina ngizobhekana nawe ngasese.”
Uvele ke losihalo useyaziwa ngokuziphendulela ezinkundleni zokuxhumana uma sezimkhalelanjengoba esolwa ngokungakhokheli ngendlela efanele.
Kuthiwa kumanje kunabadlali osekuphele izinyanga bengawazi umholo kwiSwallows.
editor@impempe.com