OweSwallows ubona umqansa kwiBucs kodwa bazofela empini kwiMTN 8

OweSwallows ubona umqansa kwiBucs kodwa bazofela empini kwiMTN 8
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Ukholwa ukuthi babhekene nokuthwala itshe elikhulu benyuka intaba iKilimanjaro umqeqeshi weSwallows FC, uBrandon Truter.

Ubona ubunzima nje umfo kaTruter yingoba bazotholana phezulu ne-Orlando Pirates emdlalweni womkhaya kwiMTN 8, e-Orlando Stadium, ngoMgqibelo, ngo-6 ntambama.

ISwallows ayiyidlalanga iMTN 8 ngesizini edlule ngoba ibisanda kunyuka iphuma kwiGladAfrica Championship. “Kuwumsebenzi onzima nolukhuni ukubhekana ne-Orlando Pirates.

“Nokho kuyinto enhle ngakolunye uhlangothi ngoba bangelinye lamaqembu amakhulu kwiligi yethu,” kusho uTruter. “Lawa ngamaqembu ofuna ukuncintisana nawo eNingizimu Afrika.

“Kuzoba umdlalo omuhle kakhulu ngoba womabili amaqembu afuna ukudlala ibhola.” I-MTN 8 kuyaziwa ukuthi yindebe okuqalwa ngayo ukuvula isizini eNingizimu Afrika.

Ngabe lokhu yinto ekahle noma kumele ngabe idlalwa sekuqalwe ngemidlalo yeDStv Premiership? “Yinto enkulu kithina ukudlala kwiMTN 8 njengeSwallows FC kule sizini.

“Imidlalo yobungani neyokuzicija ebesiyidlala, ayifani nalo mdlalo omkhulu kangaka. Umqhudelwano wokuvula isizini kithina kuleli ngakho uzosikhombisa ukuthi sikuphi, ngokokuncintisana, ukuhlela nokuthi ngabe sizilungiselele ngendlela efanele yini.”

IPirates iyona evikela indebe yeMTN 8 eyithathe ngesizini edlule, ngemuva kokuhlala isikhathi eside ingakaze iphakamise indebe.

Kuyacaca ukuthi lo mdlalo uzoba nzima kakhulu ngoba lezi zinkunzi zaseSoweto zizobe zifuna ukudlulela phambili nakanjani.

“Umdlalo wona uqobo uzosisiza ekutheni sizilungiselele. Ukuthi sineligi encane kodwa ewukhumlujezi ukulungiselela isizini, yinto enhle.

FUNDA NALA: Sekucikicwa amathizethize nje bese uTau ajoyine i-Al Ahly

“Into ebesinenkinga ngayo kakhulu ngesizini edlule ukuthi besidedela amagoli kalula. Ngithemba ukuthi sesiyilungisile leyo nto,” kusho uTruter.

IZinyoni zisanda kusayinisa uTebogo Langerman, obedlalela iMamelodi Sundowns, noYagan Sasman, obedlalela iKaizer Chiefs. Bobabili laba badlali bagijima emuva.

Ngakolunye uhlangothi iSwallows ilahlekelwe uNjabulo Ngcobo obedlala kahle kakhulu emuva. Lo mdlali usezogijima kwiChiefs.

EMAIL: Editor@impempe.com TWITTER: @impempe_com FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.