OweSwallows uthi baziyekele bona ukushaya iSundowns ivumile

OweSwallows uthi baziyekele bona ukushaya iSundowns ivumile
Alfred Ngubane

Ukushaya amagoli amabili uma ubhekene neMamelodi Sundowns akuyona into elula. Mhlawumbe yingakho nje umqeqeshi weSwallows FC uDylan Kerr ekholwa wukuthi baziyekele bona ukushaya iSundowns ngoLwesithathu.

ISundowns iwine lo mdlalo weDStv Premiership obuseDobsonville Stadium ngo 4-2 kodwa uKerr usale ekhala ngokuthi bayiyekile.

“Ngiye kulo mdlalo ngicabanga ukuthi singabashaya,” kusho uKerr ngemuva komdlalo athe bawakhile amathuba kuwo.

“Indlela ebesingabashaya ngayo bekuzoba wukuthi senze izinto ebesilokhi sizenza emidlalweni edlule.

“Besibacindezele, singabaniki isikhathi ebholeni. Bekumele singabaphi namagoli. Lamagoli asingenele bekungamele ngabe siwadedelile asidla.”

Uthi usheshe wazenza izinguquko ngoba ebona ukuthi lento abebeyihlelile ayenzeki esiwombeni sokuqala. Zicishe zasebenza ke lezi zinguquko, kodwa kwasho khona ukuthi iSundowns omakadebona bangempela.

“Bekumele ngenze izinguquko ekupheleni kwesiwombe sokuqala. Izinto bezingahlangani. Kunabadlali abebengekho emdlalweni kodwa ngeke ngbasole ngoba kuyenzeka.

“Ngakho sibe sesibacindezela nathi, ekupheleni komdlalo oVictor Gomes (unompempe) uthe kimi, ‘kumele ngabe nishaye amagoli amane nani’.

“Kodwa ke kuhlale kunjalo kithi. Ngisho u(Phumlani) Msibi weSuperSport ushilo ukuthi, ‘uyazi niyawakha amathuba kodwa anikori’.

“Kodwa kunjalo nje selokhu ngafika lapha. Asikwazi ukusebenzisa amathuba esiwakhayo bese ekugcineni senze amaphutha.

FUNDA NALA: UMantengu uthi aya emgibeni amagilavu akhe uma engashaywa uBonokoane

“Namanje ngisakholwa wukuthi besingawuwina lo mdlalo. Bekungamele nje sishaywe yiSundowns. Kodwa uma wenza amaphutha ubhekene neqembu elinjena uyakukhokhela lokho.

“Uma ungakwenzi okuyalelwe, ungakwenzi lokhu ebenikwenza ejimini ugcina usenkingeni njengoba kwenzekile nje.

Kumjabulisile nokushaya amagoli amabili obekungokokuqala kule sizini iSwallows iyibhakuzisa amahlandla amabili inethi.

“Okuhle wukuthi siwashayile amagoli amabili. Indlela alingqofe ngayo elakhe u(Ruzaigh) Gamildien ibe yinhle. Akazange azame ukwenza okunzima.

“NoSolomons ushaye igoli elihle. Esiwombeni sesibili uKG (Kagiso Malinga) uthole ithuba elihle, wadlala ngalo. No(Monnapule) Saleng ulitholile, wadlala ngalo.”

  editor@impempe.com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.