OweTeam of Choice ufuna balwe kwesele yeligi

URowan Human

 

Sihle Ndlovu

URowan Human, weMaritzburg United, uthi bakuqonda ukuthi basadinga ukuqoqa amaphuzu ukuze bakhululeke kwilogi yeDStv Premiership.

ITeam of Choice isendaweni ka-12 kwilogi ngamaphuzu angu-22. Lokhu kuchaza ukuthi ingelinye lamaqembu angaphephile ezembeni.

“Njengamanje sihleli endaweni engeyimbi kakhulu kodwa singenza kangcono kanalokhu,” kusho uHuman.

“Amajita alungile, kumele nakanjani sithole umphumela omuhle emdlalweni ozayo.”

IMaritzburg izobhekana neSwallows FC emdlalweni weligi eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu, ngoMgqibelo ngo-7.30 ebusuku.

“Nabo (iSwallows) basesimeni esinzima futhi bayawadinga kakhulu amaphuzu. Siyawadinga nathi amaphuzu ngakho ngeke kube umdlalo olula,” kubeka lo mdlali owake wayibamba kwiBidvest Wits.

“Siyazi ukuthi bazolwa ngakho konke, noma bangathola iphuzu elilodwa bazokujabulela lokho. Nathi kumele siye ngalowo mqondo kubona, singavumeli ukuthi bawathole kalula amaphuzu.”

IZinyoni zisendaweni ka-14 ngamaphuzu angu-18. Akungabazeki nakancane ukuthi ziyawadinga amaphuzu ukuze zibalekele izembe.

“Umdlalo wethu wasekhaya ngakho kumele sidlalele ukufa nokuphila. Kumele sisebenze kanzima ngoba bayingozi, bangasilimaza.

“Ukhiye kithina kuzoba ukubumbana, senze lokhu esizokutshelwa wumqeqeshi. Uma senza kanjalo akekho ongasishaya, uma sisebenza ngokubambisana.”

editor@impempe.com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.