OweTeam of Choice ukhala ngamaphutha kulandela ukudliwa yiChiefs

Ngu-Alfred Ndengane weMaritzburg United
Sihle Ndlovu

Ukhala ngamaphutha enzela phansi iqembu ukaputeni weMariztburg United, u-Alfred Ndengane, obebukeka edumele ngemuva kokubhaxabulwa yiKaizer Chiefs ngo 3-0.

ITeam of Choice yenze amaphutha amaningi kakhulu kulo mdlalo weDStv Premiership, ikakhulukazi ngesikhathi kungena igoli lesibili, nokuyinto eyisebenzisile iChiefs ukuwina umdlalo wayo wokuqala weligi.

“Inkinga yethu kulo mdlalo kube amaphutha nje. Senze amaphathupha amabili sahlawuliswa kanzima,” kusho uNdengane.

“Bese kunzima ukuthi sibuye kodwa sithe ukuba ngcono ngasekupheleni kwesiwombe sokuqala. Ngesesibili sizame kakhulu sidlala kangcono sizama ukuphusha.

“Kodwa engingakusho ukuthi ukuya phambili kumele sizame ukunciphisa amaphutha. Nasemdlalweni wethu odlule sijeziswe kanzima ngenxa yamaphutha ethu.”

IMaritzburg ibambane neSekhukhune United ngo 1-1 ngempelasonto kanti nakhona ibuye isilandela ngemuva kulandela iphutha elenzile eliholele ekutheni idedele igoli. Kube yinto efanayo ibhekene neChiefs yenza amaphutha amabili aholele ekutheni ziye ekhefini kungu 2-0.

“Kudingeka sifunde, kudingeka sifunde. Singasho ukuthi kusesekuseni (ukuthi singazihlupha kakhulu) kodwa ngeke kube sekuseni unomphelo. Kumele siyishintshe le nto sifunde emaphutheni ethu,” kugcizelela uNdengane.

ITeam of Choice kuzomele iwagweme amaphutha uma isibhekene neSwallows FC eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu, ngoLwesihlanu ngo-7.30 ebusuku. IZinyoni zindizela phezulu ngemuva kokushaya iCape Town City ngo 3-2 ngoLwesithathu.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.