OweTS Galaxy akanavalo lokudliwa yizembe

USead Ramovic'
Sihle Ndlovu

Akaziboni ezakhe zidliwa yizembe umqeqeshi weTS Galalaxy, uSead Ramovic’, yize imiphumela ingavumi emidlalweni yeDStv Premiership.

IRockects izithola isendaweni yesibili ukusuka emsileni ngemuva kokushaywa imidlalo emibili ilandelana. Iqale yabhaxabulwa yiMamelodi Sundowns ngo 3-0, yase ilandeliswa yiBaroka FC ngo 1-0 ngempelasonto.

“Kusele imidlalo eyisishiyagalolunye yonke ukuthi kugoqwe isizini. Maningi kakhulu amaphuzu asazodlalelwa,” kusho uRamovic’.

“Ngiyalethemba kakhulu iqembu lami ukuthi lizoba ngcono, liwine yonke imidlalo futhi.”

Mayelana nomdlalo abawudlale neBaroka, uRamovic ukhale ngokuthi abazange bazimisele neze.

“Ngingasho ngithi besingekho emdlalweni. Besishaya ngonyawo lonwabu uma siphaselana ibhola, futhi asizange sihlangane njengoba sihlale senza.

“Kuzomele sihlale phansi sikucubungule lokhu neqembu lethu. Kufanele senze isimo sibe ngcono, kweminye imidlalo kuyenzeka lokhu yize kuyinto okungamele yenzeke.”

IRockets izophinde izithole seyibhekene neBaroka emdlalweni weNedbank Cup Last 16 eMbombela Stadium, ngeSonto ngo-6 ntambama.

“Bazoza kithina, nakanjani kodwa sizowuwina umdlalo. Nakanjani,” kusonga uRamovic’ ngokuzethemba.

Emidlalweni yeligi esele iGalaxy isazobhekana neSuperSport United, Royal AM, Kaizer Chiefs neSekhukhune United, phakathi kweminye imidlalo.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.