OweTS Galaxy uchaza ngetulo lokuqumba phansi iSundowns

USead Ramovic ocija iTS Galaxy

 

Sihle Ndlovu

Ukushaywa kweMamelodi Sundowns ngo 1-0 yiTS Galaxy emdlalweni weDStv Premiership eLoftus Stadium, ngoLwesithathu ebusuku, kungangasho ukuthi ngeke iyiwine iligi kodwa kwenza isimo sihluke kakhulu.

Leli qembu laseChloorkop selikhombise ukukhonya okukhulu kumasizini amahlanu edlule njengoba lithathe isicoco seligi kulandelana (kahlanu). Okuqaphelekile kula masizini ukuthi iSundowns ibingashaywa emidlalweni eyishumi yokuqala nobekufaka enkulu ingcindezi kwamanye amaqembu.

Ngesizini ka-2020/2021 yiKaizer Chiefs kuphela ekwaze ukushaya leli qembu laseChloorkop futhi nayo ikwenze lokho ngomzuliswano wesibili wemidlalo yeligi.

Nokho iRockets ikuqede konke lokho njengoba iSundowns ithole induku emdlalweni wesibili kweyeligi ngemuva kwesikhathi eside.

Umqeqeshi weGalaxy, uSead Ramovic, uthe bebevele behlele ukuwantshontsha amaphuzu kuleli qembu yize bazi kahle ukuthi yinto enzima ukuyenza leyo.

“Besazi ukuthi ukudlala ngendlela ehlelekile umdlalo wonke kuzoba wukhiye ukuthi sithole amaphuzu, futhi senze lokho,” kusho uRamovic.

“Besazi futhi ukuthi iSundowns yiqembu elikhulu kwiligi yethu, inabadlali abahle nabaqeqeshi abahle. Lokho bekuyinselelo enkulu kithina kodwa besazi ukuthi uma sibeka imiqondo yethu kwesikwenzayo, sisebenza kanzima, singancintisana nanoma yiliphi iqembu kule ligi.”

URamovic ubukeka eselazi iqembu lakhe njengoba kuyisizini yakhe yesibili ehola iRockets. Ubonakale elokhu ekhuluma noSibusiso “Villa” Vilakazi, obedlalela iSundowns, ngasekupheleni komdlalo.

“Ngicabanga ukuthi sidlale umdlalo omuhle kakhulu, futhi ngithanda ukubongela izimbangi ngokusinika umdlalo omuhle nonzima. Kusengumdlalo wesibili ngakho kumele sizehlise sibeke imiqondo kulokhu esikwenzayo,” kusho uRamovic.

“Kusamele sisebenze kanzima kanti okunye esizokwenza ukuthi sibukisise lo mdlalo bese sithatha okuhle esikwenze kuwona.”

I-TS Galaxy beyiqala ukushaya iSundowns emlandweni futhi beyiqala nokushaya igoli uma ibhekene naleli qembi lasePitoli. Izokwamukela iSuperSport United eMbombela Stadium, ngeSonto, ngo-3 ntambama. ISundowns yona inomdlalo onzima kakhulu njengoba izobhekana neKaizer Chiefs eLoftus Stadium, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.