OweTS Galaxy ufuna amagoli kubadlali bakhe

USead Ramovic
Sihle Ndlovu

Ukungashayi amagoli ngendlela efanele kweTS Galaxy, kuyinto emkhathazayo kakhulu umqeqeshi waleli qembu uSead Ramovic.

Lo mqeqeshi ukholwa wukuthi iqembu lakhe lidlala kahle kodwa kubenzela phansi kakhulu ukuhluleka ukuqedela amathuba abawakhayo.

“Asizange ziwashaye amagoli. Iyona into okumele siyenze kangcono leyo ngoba nasemidlalweni edlule besinenkinga efanayo ngephasi yokugcina,” kusho uRamovic.

Ubekhuluma ngemuva kokuthi ezakhe zikhishwe yiBaroka FC ngo 5-3, sekukhahlelwa amaphenathi, emdlalweni weNedbank Cup Last 16 ngeSonto. Umdlalo ubuphele ngo 1-1 emizuzwini engu-120.

“Kumele ngibancome nokho abadlali bami ngoba umdlalo besiwuphethe. Bathole (iBaroka) ithuba lalinye kuphela, okube yiphenathi,” kusho lo mqeqeshi.

“Bebedlala amabhola amade nje bezama ukuphazamisa iqhinga lethu lokudlala. Nokho nalapho besidlala kahle.

“Sibe namathuba kodwa ekugcineni saya kumaphenathi, awinwa yinoma ubani. Iqembu ebelidlala kahle yilona elihluliwe.”

IRockets kumele izame ukuwina imidlalo yeligi njengoba ihleli endaweni yesibili ukusuka emsileni. URamovic uthemba ukuthi bazoqhubeka nokudlala kahle bese bezama ukuwina.

“Asikho nesidingo sokuzama ukugqugqguzela abadlali ukuthi benze kahle emidlalweni ezayo. Bazi kahle ukuthi badlale kahle namuhla, okubalulekile nje ukuthi siqhubeke nalo mgqigqo.

“Nginesiqiniseko sokuthi inhlanhla yethu izobuya. Uma usebenza kanzima, unesineke, inhlanhla iyabuya ibe ngakuwena.”

Libukeka lizoyidinga kakhulu inhlanhla leli qembu likaTim Sukazi uma kubhekwa imidlalo elizoyidlala kwiDStv Premiership. Lizobhekana neSuperSport United, Royal AM neKaizer Chiefs ngokulandelana.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.