OweTS Galaxy unethemba lokubalekela izembe

Sihle Ndlovu

I-TS Galaxy ayiphephile nakancane ezembeni futhi kusengenzeka iqonde ngqo ehlathini uma ingayiwini imidlalo yayo emine esele.

Leli qembu likaTim Sukazi liyibambe endaweni yesibili ukusuka emsileni ngamaphuzu angu-23 emidlalweni engu-26. Ekugcineni kuhleli iBaroka FC ngamaphuzu angu-18 emidlalweni efanayo.

Ukaputeni weRockets, uPogiso Sanoka, uthi basenalo ithuba lokusinda ezembeni uma bengazibamba ziqine emidlalweni esele.

“Kunzima ngomzuliswano wesibili wesizini uma uzibona ulaphaya emsileni kwilogi. Kunzima nokuthi ufike uwine umdlalo owodwa bese ushaywe komunye ngoba ulahlekelwa umgqigqo,” kusho uSanoka.

“Sinanadlali abasebancane abaningi okumele sibacabangele. Angicabangi ukuthi sebeke baba kulesi simo phambilini.”

Kunzima kakhulu kwiGalaxy njengoba izobhekana ne-Orlando Pirates emdlalweni olandelayo weligi eMbombela Stadium, ngoMeyi 2. Ngemuva kwalokho izobe seyitholana phezulu neCape Town City eCape Town Stadium ngoMeyi 7.

NgoMeyi 14 izokwamukela iMarumo Gallants FC eMbombela Stadium komunye umdlalo weligi okulindeleke ushube.

“Emidlalweni emine esele kumele siqinisekise ukuthi okungasenani sithola amaphuzu ayisikhombisa. Uma sinako ukuzethemba singawathola wonke amaphuzu angu-12,” kusho uSanoka.

“Sidlala ekhaya nePirates. Uma sidlalela ekhaya kumele nakanjani sithole amaphuzu aphelele. Ngesikhathi besishaya ngo 2-0 emzuliswaneni wokuqala sasiwuphethe umdlalo kodwa baba nenhlanhla.

“Kodwa ngoba sizobe sidlalela ekhaya phambi kwabalandeli bethu kumele siqinisekise ukuthi sithola amaphuzu amathathu. Umdlalo nomdlalo esizowudlala manje usufana nowamanqamu ngakho kumele nakanjani sithole imiphumela emihle.”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *