OweTshakhuma uyagomela bazoyiwina iNedbank Cup

Sihle Ndlovu

Umqeqeshi weTshakhuma Tsha Madzivhandila, uLucky Nelukau, ufunga uyagomela ukuthi bazokhala bemuke nayo indebe yeNedbank Cup ka-2022.

Usho lokhu ngemuva kokuthi beshaye iSuperSport United ngo 3-2 emdlalweni we-quarterfinal yeNedbank Cup, yize beke balandela ngemuva ngo 2-0 eThohoyandou Stadium.

“Abadlali bami uRhulani Manzini noRendani Ndou benze kwaba nzima kakhulu kwiSuperSport. Ngibatshele ukuthi kumele bazethembe,” kusho uNelukau.

“Sesibheke phambili manje ukuthi siwine iNedbank Cup.”

Lo mqeqeshi uthe banenqwaba yabalandeli futhi uyababonga ngokuzokweseka iqembu.

“Sinabalandeli abaningi kakhulu futhi sisazokwenza lokhu esikwenze namuhla. Alikho iqembu lapha eLimpopo elingancintisana nathi uma kukhulunywa ngabalandeli,” kusho uNelukau ngokuzethemba.

Lo mqeqeshi ubegqoke izingubo zamasotsha ukuhlonipha umfowabo, (u-Arnold) osanda kudlula emhlabeni. Ugcizelele ukuthi uzoyiwinela yena (umnewabo) iNedbank Cup.

“Ngiyazi ukuthi akasekho emhlabeni kodwa ngokwami usekanye nami. Besisondelene kakhulu naye.

“Ngiyazi ukuthi ukanye nami futhi usangitshela ukuthi ‘uzowina umdlalo wamanqamu.’ Ngizowina owamanqamu ngenzela yena. Lo R7000 000 ngizowunika yena futhi ngiyokutshela uma sesiya kowamanqamu,” kuphetha uNelukau.

Okwamanje iTshakhuma kusamele inake imidlalo yeGladAfrica Championship, bese ilinde ukuthi yiliphi iqembu ezobhekana nalo kowandulela owamanqamu weNedbank Cup.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.