Owodumo kwi-Orlando Pirates usezama inhlanhla ehlathini

Owodumo kwi-Orlando Pirates usezama inhlanhla ehlathini
UThabo Rakhale esadlala kwi-Orlando Pirates

 

Omunye wabadlali ababengaconsi phansi kubalandeli be-Orlando Pirates genxa yekhono labo lomjiko, uThabo Rakhale usezama inhlanhla kwiMotsepe Foundation Championship. 

URakhale waphenduka omunye wabadlali abaphambili kwi-Orlando Pirates eminyakeni embalwa edlule edlisa ngekhono lakhe lomjiko nokwenza imigilingwane ngebhola. 

Kodwa kwahamba isikhathi waphelelwa ushatini kuleli qembu kulandela ukuvela kwezindaba zokuhluleka ukuziphatha kahle. 

Wabe esededelwa, wayiswa kwiChippa United la ayebolekiswe khona. Wafika wathembisa ukulibuyisa ibhola lakhe elalimakhele igama. 

Nokho kwabuye kwabhimba, leli qembu lamdedela. Ube esesayinwa yiTshakhuma Tsha Madzivhandila kodwa nakuyo akangahlala isikhathi esitheni. 

Wabuyela kwiChippa, nakhona akabanasinqe wabe esesayinwa yiMarumo Gallants la afike wabonakala eza kahle kodwa waphinde wanyamalala. 

Ngesizini edlule ubesemabhukwini eSekhukhune United kodwa yamlaxaza nayo ngoFebhuwari kulo nyaka, wasala engenaqembu. 

Nokho manje sekuvele ukuthi uzama inhlanhla eqenjini eelidlala kwiChampionship iPlatinum City Rovers. 

“Usezicije nabo isikhashana impela futhi kubukeka ezogcina esayiniwe kuleli qembu,” kusho umthombo.

FUNDA NALA: URulani ucikwe yisenzo sika-Erasmus abemthathe njengomngani

“Okuhle nokumsizayo wukuthi ufice umuntu abazanayo naye ababedlala naye kwiPirates u-Oupa Manyisa kuleli qembu.”

IRovers ingelinye lamaqembu abebhekiwe ekutheni angase abe sembangweni wesicoco kuleli ligi kule sizini. 

Nokho izinto azikayihambeli kahle njengoba iye ekhefini leNdebe yoMhlaba isendawne ka-11 ngamaphuzu angu-15 ngemuva kwemidlalo engu-11. 

Mhlawumbe amava kaRakhale angaba yisixazululo leli qembu ebelilokhu lisidinga. Kodwa konke kulele kumqeqeshi u-Aschwin Sutton. 

– Intatheli yeMpempe

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *