OwoSuthu ubona bengaqeda ngeChiefs emlenzeni wokuqala kwiMTN8

UBrandon Truter ocija AmaZulu FC
Sihle Ndlovu

UBrandon Truter oqeqesha AmaZulu FC uthi ufuna basheshe baqede ngeKaizer Chiefs ukuhambeni emdlalweni owandulela owamanqamu weMTN8 ozokuba seFNB Stadium.

La maqembu azodlala imilenze emibili kweyandulela owamanqamu ukuze azame ukuzibekisela indawo kowamanqamu. Amaqembu azogadulisana emidlalweni emibili eyandulela owamanqamu aqhathwe ngoMsombuluko ebusuku eGoli.

Kuthe gidi kubalandeli beChiefs iqembu labo liqhathwa naMaZulu kwathi i-Orlando Pirates yatomula iMamelodi Sundowns. Nokho uTruter ubona benalo ithuba lokudlula eqenjini laseNaturena.

“Ngicabanga ukuthi uma sekuyimidlalo eyandulela owamanqamu kunoma yimuphi umqhudelwano kusuke kusele amaqembu asezingeni eliphezulu, awukho umdlalo olula,” kusho uTruter.

“Ukutomula kwethu Amakhosi ngicabanga ukuthi kuhle kithina ukuthi sizihlole. Njengoba umlenze wokuqala usekuhambeni lokho kusinika ithuba elihle lokuthi senze umsebenzi siwuqede singekho ekhaya.”

La maqembu azothola ithuba lokuzivinya ngokubhekana emdlalweni weDStv Premiership ngempelasonto. Cisho kuzocaca lapho ukuthi yini engase yenzeke emilenzeni emibili yeMTN8

“Sifuna ukwenza kahle. Ngokwethu njengamanje sifuna ukuwina yonke imidlalo esiyidlalayo,” kusho uTruter.

“Lena yindebe yomkhumulajezi futhi ingathatheka. Nginalo ithemba lokuthi singawina ngoba abafana badlala kahle kuze kube yimanje. Iqembu lilokhu liba ngcono umdlalo nomdlalo kodwa sisengenza kangcono.

“Ngilindele ukuthi sishaye into ecokeme uma sesibhekene neChiefs kowandulela owamanqamu weMTN 8.”

Usuthu ludlulele kowandulela owamanqamu ngokushaya iCape Town City ngo 2-1 kwi-quarterfinal, kanti iChiefs ishaye iStellenbosch FC ngo 4-3 kumaphenathi ngemuva kokuthi umdlalo uphele ngo 1-1 emizuzwini engu-120.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *