OwoSuthu ubona ingozi kwiSwallows ebhekene nezembe

UBrandon Truter
Sihle Ndlovu

UBrandon Truter, obambe njengomqeqeshi kuMaZulu FC, ubona kuzoba wumqansa kakhulu ukubhekana neSwallows FC ezama ukuvika izembe.

La maqembu azotholana phezulu emdlalweni weDStv Premiership eDobsonville Stadium, ngoLwesibili ngo-5 ntambama.

“Umdlalo onzima lona ngaphandle nje kokuthi yiqembu engake ngaliqeqesha leli,” kusho uTruter.

“Yiqembu eselidlalela ukuhlala kwiPremiership, nelidinga ukuwina. Yiqembu elilwayo ngakho kuzoba nzima kakhulu. Nokho abafana balungile.

“Imidlalo emithathu siyidlale kahle sathola amaphuzu ayisikhombisa kwayisishiyagalolunye ebesiwadlalela. Sifuna ukuqhubeka nokuwina kanjalo nokungangenelwa amagoli.”

IZinyoni zisendaweni yesibili ukusuka emsileni ngamaphuzu angu-23 emidlalweni engu-26. Uma zingasuki kule ndawo zingazithola ziyodlala imidlalo yokuhlunga namaqembu amabili asuka kwiGladAfrica Championship.

“Ngikubeke kwacaca kubadlali bami ukuthi kumele nakanjani sibuye namaphuzu amathathu kwiSwallows. Bayingozi uma behlasela ngoba bayawashaya amagoli,” kusho uTruter.

“Nokho banayo inkinga yokudedela kakhulu emuva kanti kumele sikusebenzise lokho.”

Lo mqeqeshi ubonge abadlali boSuthu ngokuzinikela yize isizini ebeyiyinde kubona ithe ukubatuba.

“AmaZulu asedlale imidlalo engu-38 uma ubala eyomkhumulajezi neyeCAF Champions League. Ngiyazi abadlali sebecabanga ngokuphela kwesizini nokuthatha ikhefu.

“Ngiyabonga kubadlali. Ngiwumqeqeshi omusha osanda kufika eqenjini, ngifuna izinto eziningi. Basebenza ngokuzikhandla, bangabadlali abamangalisayo,” kuphetha uTruter.

editor@impempe.com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.