OwoSuthu ufuna ahlale umqeqeshi obambile

UMakhehleni Makhaula
Sihle Ndlovu

UMakhehleni Makhaula waMaZulu FC uthi ufisa ahlale umqeqeshi obambile eqenjini, uBrandon Truter.

Lo mqeqeshi ufike kuSuthu ngemuva kokuthi kuxoshwe uBenni McCarthy izinto ezingamvumanga kule sizini. Selokhu efikile uTruter iqembu lenza kahle futhi alikaze lingenelwe yigoli.

“Ungumqeqeqeshi okahle futhi uyambona ukuthi umoya wakhe uphansi. Uyambona ukuthi ungumuntu ozithobile futhi ofuna ukuwina,” kusho uMakhaula.

“Mina ngingathanda ukuqhubeka ngisebenze naye ngoba naye ukholelwa esitayeleni sikaBenni kodwa kukhona okuncane okuhlukile kubona. Nokho uma ungumdlali kumele ukulungele ukushintsha ungene noma yikuphi.”

Abaphathi boSuthu banesinqumo esinzima okumele basithathe ngokuthi yimuphi umqeqeshi ozohola iqembu ngesizini ezayo.

“Ngicabanga ukuthi sesiyazi ukuthi umqeqeshi ufunani. Ngingajabula kakhulu ukusebenza naye ngesizini ezayo,” kugcizelela uMakhaula.

“Singabadlali ngicabanga ukuthi siyafuna aqhubeke kodwa ngeke wazi. Sizobona ukuthi kwenzakalani kodwa mhlawumbe uma singawina umdlalo wangoMgqibelo izinto zizohamba njengoba sifisa.”

AmaZulu azovala isizini ngokubhekana neChippa United emdlalweni weDStv Premiership ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.

editor@impempe.com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.