Riveiro: ‘Sikhombisile ukuthi iPirates ingamelana neSundowns’

Riveiro: 'Sikhombisile ukuthi iPirates ingamelana neSundowns'

Uveze ukweneliseka kwakhe umqeqeshi we-Orlando Pirates uJose Riveiro ngendlela edlale ngayo ibambana neMamelodi Sundowns ngo 0-0 emdlalweni womlenze wokuqala kweyandulela owamanqamu kwiMTN8.

Okushodile nje kwiPirates yinhlanhla yokuthoa igoli ngoba izamile kodwa kwasho khona ukuthi imfice engenawo umusa uRonwen Williams.

UJose Riveiro uthe abadlali bakhe bawenze ngendlela abebayalele ngayo umsebenzi wabo nokwenze bakwazi ukugwema ukuthi iSundowns izenzele kulo mdlalo.

“Bekukuncane okwehlukanise lamaqembu bamuhla futhi akukuningi akwenzile,” kusho uJose Riveiro ngemuva komdlalo.

“Besilingana esiwombeni sokuqala kodwa yithi ebesilibamba kangcono ibhola futhi abazange basifakale isisindo ngokusicindezela.

“Baqale kangcono esiwombeni sokuqala njengoba uTeboho Mokoena ubebakhela amathuba kodwa sikulungisile lokho.

“Ngicabanga ukuthi kube wumdlalo cishe wonke umuntu abewubhekile ngokwezinga lawo futhi ukhombisile ukuthi iPirates ingamelana nanoma yiliphi iqembu eliphambi kwayo.”

FUNDA NALA: UMngqithi umtshele ezikabhoqo uHugo Broos weBafana

UKermit Erasmus ungene ngasekupheleni komdlalo kodwa wacishe wayinquma iSundowns eshaya elihle ibhola kodwa wanqaba uWilliams.

“Bekunzima kimi ngoba kudala ngagcina ukudlala,” kusho lo mdlali obesephucwe nenombolo yakhe kwiSundowns ngaphambi kokuthi akhululwe ngosuku lokugcina lokusayina abadlali.

Wabe esejoyina eZimnyama ake wadlala kuzo phambilini. “Ngijabule ngokuthi ngibuyele ekhaya. Ngicabanga ukuthi ngizoba sesimweni esingcono ngokuhamba kwemidlalo.”

NoZakhele Lepasa uke wazama ukuqeda ngoWilliams esiwombeni sokuqala kodwa wenqaba. ISundowns yona ayikwazanga ukwakha amathuba okungaxoxwa ngawo.

Sbongs Gumbi

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *