USantos uchazekile ngesibindi sabadlali bePortugal

USantos uchazekile ngesibindi sabadlali bePortugal
URonaldo wePortugal
UDABA: Mhlengi Josta Cele
ISITHOMBE: Twitter

Umqeqeshi wePortugal, uFernando Santos uncome isibindi nokuzimisela kwabadlali bakhe ngemuva kokudlala ngokulingana neFrance eBudapest ngoLwesithathu ebusuku. Lona bekungumdlalo wokugcina wePortugal kuGroup F kwiEuro 2020.

IPortugal neFrance bashayane baze babukana kulo mdlalo ophele ngo 2-2. UCristiano Ronaldo ushaye amaphenathi amabilili isiwombe ngasinye walinganisa amagoli akhe edlalela iqembu lesizwe nawengwazi yase-Iran, u-Ali Daei.

UDaei washaya amagoli angu-109 okuyirekhodi lomhlaba leli uRonaldo aselificile manje. Lamagoli abebaluleke kakhulu, futhi ayihlenge engozini embi iPortugal.

Ngesikhathi uKarim Benzema evalela phakathi igoli lesibili leFrance ePuskas Arena Stadium ngemuva kwemizuzu emibili kubuyiwe ekhefini, ebeka phambili ompetha bomhlaba, iPortugal eyahlulwa ngo 4-2 yiGermany emdlalweni odlule ibilengela engozini yokungakwazi ukuvikela isicoco sayo se-Euro.

IPortugal yawina le ndebe ngo-2016, kanti ukuhlulwa kwayo bekuyosho ukuthi kumele ibambe ezibuyela ekhaya. Kodwa isihlabani saleli qembu esiphinde sibe ngukaputeni, uRonaldo ushayise ibhola ngenhloso esandleni sikaJules Kounde phakathi ebhokisini leFrance.

Lokhu kwenze unompempe obephethe umdlalo uMateu Lahoz ayikhombe emlotheni, uRonaldo waphinda wayivalela phakathi, wabuyisa iPortugal emdlalweni.

“Engikuthande kakhulu ukuziphatha kweqembu lami lilonke nje.” kusho umqeqeshi uSantos kwabezindaba ngemuva komdlalo.

“Ngesikhathi ngibuzwa ukuthi yini esizoyenza eshintshile esingayenzanga emdlalweni wethu neGermany, ngathi sizoba yithi. Kade siyiqembu eliqinile, sidlale kahle.

“Besizimisele futhi nomoya ubumuhle kubadlali bami, bebefuna ukunqoba. Siyangokuya siba ngcono kakhulu. Ngesiwombe sesibili asiqalanga kahle kodwa sibuye sahlanganisa sabuya emdlalweni.”

UJoao Palhinha ungene endaweni kaDanilo Pereira olimele kabuhlungu ekhanda eshawa ngendololwane ngephutha unozinti weFrance uHugo Lloris kwadaleka iphenathi yokuqala ebaselwe phakathi nguRonaldo.

Funda nala: Abadlali beRoyal AM bafuna ukubuyela enkundleni

UPalhinha, odlala kwiSporting CP ePortugal, uwenzile naye owakhe umsebenzi abewuthunywe nguSantos wokuvimba amabhola abephaswa ngobuchule abadlali basesiswini beFrance bewabhekise kumgadli obevutha engabaselwe uKarim Benzema.

“Umdlalo weGermany wasifundisa okuningi. Sesingcono manje, siyakwazi ukuvimba izitha nokuqhamuka namasu amasha okubamba izitha zingagelezi kalula ebhokisini lethu.

“Konke lokho nokunye okuningi okuhle kuvelile kulo mdlalo wethu wanamuhla,” kusho UPalhinha kwabe-Uefa.com. “Umqeqeshi unginike umsebenzi wokuvimba abagadli beFrance.

“Ungitshele ukuthi angingasuki endaweni yami, angivimbe amabhola esiswini, waphinde wathi angigade (Antoine) uGriezmann.”

Usemkhulu umsebenzi ohlalele iPortugal njengoba izoba nomdlalo onzima esigabeni somkhumulajezi la izobhekana khona neBelgium ngeSonto eSeville. EzikaRoberto Martinez zinezinsuku ezimbili ngaphezu kwezePortugal zokuphumula ngaphambi kwalo mdlalo obhekwe ngabomvu.

“Manje sekufanele sicabange ngeBelgium, iqembu eliqine kakhulu. Uma sibheka ekuklelisweni kwamazwe, yibona abaphuma phambili. Kodwa ake sihlale phansi sihlaziye konke, ebese siyabona ukuthi senzani kulo mdlalo,” kusho uPalinha.
EMAIL: Editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.