Saphunyukwa eseligi kumiswa abalandeli ezinkundleni, kusho oweChiefs

UJessica Motaung
Sihle Ndlovu

IKaizer Chiefs seyizwakalise ukujabula okukhulu ngesimemezelo sePremier Soccer League (PSL0, sokuthi abalandeli bazobuyela ezinkundleni.

Lesi simemezelo esikhulu senziwe usihlalo wePSL, u-Irvin Khoza, ngoLwesibili, kwajabula abalandeli abaningi bakanobhutshuzwayo eNingizimu Afrika.

IChiefs iveze ukuthi ibisivele iqalile yenza amalungiselelo selokhu uMengameli wezwe, uCyril Ramaphosa, ememezele ukuthi izinkundla sezingamumatha abalandeli abangu-50% emidlalweni yeligi.

“Sijabule kakhulu ngokuthi abalandeli bazobuyela enkundleni njengoba kumemezele usihlalo wePSL ngoLwesibili,” kusho uJessica Motaung, oyiMarketing Director yeChiefs, kwi-website yeqembu.

“Kube yiminyaka emibili emide nenzima ngaphandle kwabalandeli enkundleni. Bekunesizungu futhi kuthulekile ezinkundleni kulo lonke izwe.

“Yinto emnandi kakhulu ukuthi sesizobuye sihlangane nomdlali wethu ka-12.”

Leli qembu laseNaturena lithe likubheke ngabomvu ukwamukela abalandeli balo eFNB Stadium, uma isikhathi sesivuma, kanti likulambele nokuhlangana nabo emidlalweni yakuhambeni.

“IChiefs nabalandeli bayo abakaze bahlukaniseke kusukela iqembu labunjwa ngo-1970. Nokho konke lokhu kushintshile ngo-2020 ngesikhathi siphoqeleka ukudlala bengekho abalandeli enkundleni.

“Lokhu kwenze salahlekelwa yisicoco seligi emizuzwini yokugcina ngesizini ka-2019/2020. Siyajabula ukuthi konke lokho sekudlulile, futhi sesilindele ukucula nokudansa esihlale sithanda ukukuzwa nokukubona ezinkundleni ezihlukene ezweni lonke.”

Umdlalo wokuqala weChiefs lapho kuzoba khona abalandeli izowudlala neSuperSport United ngo-Ephreli 16 eFNB Stadium.

“Sikholwa wukuthi abadlali bethu kuzobakhuthaza ukubuya kwabalandeli, nokuthi sizophinde sibone ibhola elijabulisayo,” kuphetha uMotaung.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.