Sayivulela isahluko eyayingasazi iWydad, kusho uZwane weChiefs

Sayivukela isahluko eyayingasazi iWydad, kusho uZwane weChiefs
Abadlali beKaizer Chiefs
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Umqeqeshi obambile kwiKaizer Chiefs, u-Arthur Zwane uthi bayivulela isahluko ebingasazi ebhayibhelini lebhola iWydad Athletic. IChiefs yamangaza lezi zinkunzi zaseMorocco izibamba ngo 1-0 omude emdlalweni womlenze wokuqala kweyandulela owamanqamu kwiCAF Champions League ngempelasonto edlule.

IWydad yasala incinciza, inxapha yodwa iChiefs isishaye yachitha ewini yegoli likaSamir Nurkovic elangena esiwombeni sokuqala. Lo mphumela wabeka iChiefs ebuhleni njengoba seyidinga ukudlala ngokulingana ukuze ishushuluze iye kowamanqamu.

FUNDA NALA: UMosimane akakathandi ukukhuluma ngokubhekana neChiefs kowamanqamu

Okwayidumaza kakhulu iWydad ukuthi lesi sahluko yasivulelwa ekhaya eStade Mohammed V eCasablanca la okwaziwa ukuthi ayithintwa khona. Umdlalo womlenze wesibili uzoba seFNB Stadium ngoMgqibelo ngo-6 ebusuku.

“Sizobhekana neqembu elingelinye laphezulu ezwenikazi. Kukhona esesikufundile kubo. Kodwa khona kunjalo, sabavulela isahluko ababengasazi ngathi, sabakhombisa okuthile abangakwazi.

“Sabakhombisa ukuthi nathi siyakwazi ukulwa kuleli zinga,” kusho uZwane. Uveze nokuthi kwamjabulisa ukubona abadlali beyilandela injengoba injalo imiyalelo yabo.

“Ukuthola igoli ekuhambeni kwakubalulekile. Njengoba Sebenza kuleli bazobe behluke kakhulu kwazise bazobe sebejaha umphumela. Kodwa abadlali bethu bakhombise ukuzimisela okuyinqaba kuleli viki.

“Bakhombise ukukwazi ukuziphatha ngendlela. Siyazi abalandeli bethu bajabule futhi bafuna singene kowamanqamu. Sihlezi simele bona. Kodwa njengamanje sifuna ukugxila emdlalweni, sikhohlwe yintokozo yabo nokwenzeka ngaphandle.

“Okubalulekile njengamanje ukuqinisekisa ukuthi wonke umdlali uzinikele futhi ubeke umqondo wakhe kumacebo ethu alo mdlalo. Kuhambe kahle uma ubheka indlela abenza ngayo abadlali.”

EMAIL: Editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *