Sebephenduke amasinamuva, sekubukwa iThunderbirds neDurban Ladies

Sebephenduke isinamuva, sekubonwa yona iThunderbirds neDurban Ladies
UPhilisa Mjambane weThunderbirds
UDABA: Zukiswa Tshaka
ISITHOMBE: Sithunyelwe

Amaqembu angaqalanga kahle emidlalweni yeHollywoodbets Super League, iThunderbirds Ladies neDurban Ladies abukeka esengene emgqigqweni omuhle muva nje.

La maqembu aqhubekile nomgqigqo wawo omuhle wakamuva ngesikhathi ethela ngemvula yamagoli izimbangi zawo.

IThunderbirds ikusebenzisile ukuba sekhaya ngesikhathi ithela ngesibhaxu sika 4-0 iTsunami Queens. Lokhu kwenze yazibeka endaweni enhle kwilogi njengoba benamaphuzu angu-11 emuva kwemidlalo eyishumi.

UPhilisa Mjambane, odlale kahle kakhulu kulo mdlalo, uqokwe waba ngumdlali ovelele kulo mdlalo ngesikhathi bephendula iQueens izimpuphu. Lo mdlalo bewuseJan Smuts Stadium kanti uMjambane ushaye igoli lakhe lokuqala kulo mdlalo.

IDurban Ladies ivulele isibhaxu kwiGolden Ladies, kanti lo mphumela ubeke leli qembu laseThekwini endaweni yeshumi kwilogi ngamaphuzu ayisishiyagalolunye. Lo mdlalo ubuseMahikeng, eNorth West.

IRichmond United yona idlale ngokulingana kwaba ngu 2-2 neTshwane University of Technology emdlalweni obuseNorthen Cape, eMziwabantu Stadium.

ITUT ihleli endaweni yesithathu kwilogi ngamaphuzu angu-20 emuva kwemidlalo eyishumi. IRichmond yona ihlezi inamaphuzu angu-11.

FUNDA NALA: Sezihlangene esikhaleni kwaNtombela kwiChampions League

Eminye imidlalo yeSuper League ihlehlisiwe ngenxa yokuthi abanye babadlali bawo bayingxenye yeqembu lesizwe, iBanyana Banyana. Leli qembu likaDesiree Ellis kulindeleke liyodlala umdlalo wesihle neNertherlands ngoJulayi.

Imidlalo ehlihlisiwe bekuzoba ngophakathi kweMamelodi Sundowns ne-University of Johannesburg, oweMa-Indies FC ne-University of the Western Cape nowe-JVW FC neCoal City Wizzards.

NgeSonto uzoba wodwa umdlalo wale ligi la iBloemfontein Celtic Ladies izokhiphana khona inkani neFirst Touch Academy eTsakane Stadium ngo-3 ntambama. Lo mdlalo uzokhonjiswa bukhoma kuSABC 1.

EMAIL: Editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *