Sebephinde bahlukana: uMarawa neSABC sebebuqedile ubudlelwano

Sebephinde bahlukana: uMarawa neSABC sebebuqedile ubudlelwano
URobert Marawa
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Ungafunga ukuthi basemjolweni indlela umsakazi odumile, uRobert Marawa neSABC abaxabana bese behlukana kodwa babuye babuyelane, baphinde bahlukane ngayo.

Lokhu kulandela ukuthi sebephinde babunqamula ubudlelwano njengoba iSABC imemezele ngoLwesihlanu ukuthi uMarawa ngeke esazwakala emisakazweni yale nhlangano.

Kushiye abaningi bemangele ke lokhu kwazise uhlelo lukaMarawa, iMarawa Sports Worldwide beluthakaselwa ngabalaleli. Belusakazwa kwiMetro FM nakwiRadio 2000.

Nezimpikiswano seziqalile ezinkundleni zokuxhumana la abanye abathi bazomlandela noma ngabe uyakuphi uMarawa ukusuka lapha. Abanye bathi iSABC izozisola ngokudedela uMarawa oduem ngelikaMadluphuthu.

ISABC ikhiphe isitatimende esifushane imemezela lokhu futhi ayizange izichaze izizathu zalokhu. Esenzweni esibonakala siwukwedelela igama likaMarawa, uhlanganiswe nomunye obesakaza ezemidlalo kwithelevishini kodwa ongaziwa nakakhulu.

ISABC ithe noVaylen Kirtley obesazaka ezemidlalo kwiMorning Live naye udedelwe. “ISABC ifisa ukwazisa ngokushiya kuyo kukaRobert Marawa noVaylen Kirtley… UKirtley ubethula ezemidlalo ohlelweni lwezindaba lweSABC iMorning Live futhi ethula nezinye izinhlelo zemidlalo.

FUNDA NALA: Sibheka ukuthi beza nani abadlali abasha beChiefs

“Wajoyina iSABC eminyakeni engu-20 edlule, waqala enza izinhlelo zezemidlalo zezingane ngaleso sikhathi. ISABC ifisela uMarawa noKirtley konke okuhle kwikusasa labo futhi iyababonga ngabakwenzele iSABC Sport,” besibhalwe kanje isitatimende.

Bekungakacaci ukuthi uMarawa uzoya kuphi futhi naye akakasho lutho ngokwehlukana kwakhe neSABC. UMadluphuthu uhlukane neSuperSport la abengumethuli wezinhlelo othandwayo eminyakeni embalwa edlule.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.