Sebeqalile ukwakha elabo iqembu oMngqithi noMokwena kwiSundowns

USifiso Ngobeni
UBHALWE: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

IMamelodi Sundowns isikucacisile ukuthi ayikazimiseli ukuyeka ukukhonya ebholeni lakuleli. Leli qembu laseChloorkop selivele liyazenzela nje njengoba seliyiwine amahlandla amane kulandelana iDStv Premiership.

Lokhu kuyenza kube yiyo enezicoco zeligi eziningi kunawo wonke amaqembu kuleli njengoba sezzingu-11.

Uma ubheka neqembu layo, kulula ukubona ukuthi kungani ikhonya. Futhi ngeke walindela ukuthi kungaba yiyo egijimela emakethe kuqala kwazise ivele ibiphele izibabuli kuzo zonke izindawo.

Kodwa seyigxume yahlala njengoba seyisayinise abadlali abane. Lokhu kwenziwa nje yingoba abaqeqeshi bayo abasebenza ngokubambisana, oManqoba Mngqithi noRulani Mokwena bazama ukuphuma ngapahnsi kwesithunzi sikaPitso Mosimane.

Yize beyiwinile iligi engasekho uMosimane, abalandeli abaningi bakholwa wukuthi yingoba bebesadla izithelo ezatshalwa nguMosimane.

Manje kule sizini sebefuna ukuzakhela elabo iqembu ukukhombisa awabo amava. Kulindeleke kudedelwe abadlali asebekhulile.

UTiyani Mabunda usevele wazisiwe ukuthi kumele azame kwenye indawo kanti nabanye abafana noTebogo Langerman nabo bakhululwe ukuthi beyozama engxenye.

Njengamanje iSundowns kubikwa ukuthi seyisayine abadlali abane kanti kunenabanye abane esaxoxa namaqembu abo ngenhloso yokubathenga.

Asebevele kuthiwa basemabhukwini amaBrazilians ngoSifiso Ngobeni noTebogo Maema abebekwiBloemfontein Celtic, Grant Kekana obekwiSuperSport United noPavol Safranco waseSlovakia.

Kubadlali okusabhekwe ukuthi bajoyine leli qembu kukhona uThabiso Kutumela weMaritzburg United, Njabulo Ngcobo weSwallows, Goodman Mosele weBaroka noNkosinathi Sibisi weGolden Arrows.

EMAIL: Editor@impempe.com
TWITTER: @impempe_com
FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.