Sebeyazisola abalandeli be-Al Ahly ngokudelela uPitso Mosimane

Sebeyazisola abalandeli be-Al Ahly ngokudelela uPitso Mosimane
UPitso Mosimane osanda kushiya kwi-Al Ahly la asebemkhumbula khona
Sbongs Gumbi

UPitso Mosimane ubenobudlelwano obungebuhle nabalandlei nezinkakha ze-Al Ahly ngesikhathi eyiqeqesha futhi ubehlale egxekwa njalo. 

Lokhu bekwenzeka yize lo mqeqeshi oke wapheka iMamelodi Sundowns ubewina, ehubeka nesiko leqembu lokudla izicoco ngapha nangapha.  

Njengoba bekubonakala ubudlelwano buya ngokuba bubi kunokuba bube ngcono, uPitso wethusa abaningi ecela ukukhululwa kuleli qembu muva nje.  

Nalo iqembu lavuma ukumkhulula yena nabakuleli abebesethimbeni lakhe abeqeqesha nalo. Yize ke sebehambile bona, izinto zisabhimba kwi-Al Ahly.

Kuthe beqeda ukushaywa yiSmouha FC ngo 3-2 emdlalweni weligi ngoLwesithathu okubenze basalela emuva kakhulu embangweni wesicoco, omunye wabalandeli wayivuma induku.

Ube esebhala kwiTwitter exolisa kuPitso ngokuthi bebengawaboni amabibi ahleli phezu kwawo kuleli qembu njengoba bona bebengeneliswa yindlela iqembu ebelidlala ngayo. 

“Ngiyaxolisa kuwe Pitso Mosimane ngokukugxekwa kwami kwesinye isikhathi ngendlela ubudlalisa ngayo iqembu,” kubhala u-Ahmed Eissa.

“Kodwa sengibonile ukuthi bewukwazi ukufihla amahlazo eqembu ngale ndlela obulidlalisa ngayo. Lokhu sekuvele kwahlala obala kusukela uhambile. Ngiyaxolisa.” 

Zibe sezimthatha ezakuleli, zithi bayalunga ngoba badedele igolide sebeliphethe ngesandla bexoshwa yisiliva.

“Kuliqiniso lokhu okushoyo Ahmed. UPitso ukwazile ukuvikela izinkoqoba zabadlali. Maduze nje kuzobheduka ukungezwani eqenjini,” kuphendula u-@monakhishin. 

FUNDA NALA: Ngabe umthwalo kumele uhlale usobhokweni kuPitso?

“Izinkunzi zase-Africa (Sundowns, Wydad, Esperance) sezilindile ukuthi ziqale zinizwise ubuhlungu kwiCaf Champions League ngesizini ezayo.” 

“Lena ke yiyona indlela abalandeli abenza ngayo, akukhona ukuthi benimzonda uPitso kodwa benenza into ehlale yenziwa abalandeli nje.

“Thina lapha eNingizimu Afrika sikujwayele lokho. Futhi ngiyamjabulela uPitso ukuthi uvele washiya ngesikhathi ashiye ngaso,” kuphendula u-@Szolwethu1.

UPitso uvele wayiziba sengathi akazwanga lutho lendaba yize beyibhekiswe kuye ngqo.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.