Sebeyijahile iPirates aboThongathi abafuna ukuyikhipha kwiNedbank Cup

UPitso Dladla oqeqesha Uthongathi FC uthi abadlali bakhe sebejahe kakhulu ukugijimisa i-Orlando Pirates emdlalweni weNedbank Cup ngoMgqibelo

OKADONGA GUMBI

Ukhala ngokuthi sebewujahe kakhulu umdlalo wabo weNedbank Cup abazobhekana kuwo ne-Orlando Pirates umqeqeshi woThongathi FC, uPitso Dladla.

Abadlali beCane Cutters kuthiwa bazimisele ngale ndlela yokuthi umqeqeshi usenokwesaba ukuthi bazogcina bedlalela ukubukwa ngayedwana bakhohlwe yinhloso yeqembu.

“Ngibona umfutho oxakile kubadlali. Bonke bafuna ukudlala,” kusho uDladla ekhuluma nezintatheli. “Sebekujahile ukudlala futhi sebeqala ukuzimela ngayedwana abaselona iqembu.

“Sengikuqaphelile lokhu, futhi kumele ngiqhubeke ngikugade… Lo mfutho akumele babe nawo ngomdlalo owodwa. Yebo, siyathanda uma umdlali eveza ubuqhawe bakhe ngokuthi alwe eyedwa ukuqinisekisa umphumela omuhle, awinise iqembu.

“Kodwa kumele bazi ukuthi ngemuva kwakho konke, siyiqembu, kumele kubambiswane kubekwe iqembu phambili. Yinto le okumele sibhekane nayo manje, kumele siwulawule lo mfutho wabo.

“Ngiyawubona ejimini kanti ngethemba ukuthi kuyothi kushaya isikhathi somdlalo ngoMgqibelo sizobe sesikwazile ukuqhamuka nendlela yokuwulawula,” kuchaza uDladla.

Uma uDladla engakwazi ukwenza abafana bakhe badlale ngokubambisana futhi bawakhiphe wonke amangwevu, mhlawumbe nengaphuma newini e-Orlando Stadium.

Phela umlando walo mqhudelwano uyawavuna amaqembu amancane asuke engabhekiwe uma eqhathwe nezinkunzi zakwiPremiership.

Nokho uma beke babhayiza, bazozithola benxapha ubala sengathi baqeda kubanjwa inkunzi yiphara. Phela iBucs iphefumula ngenxeba futhi uzobe ifuna ukukhipha isibhongo kulo mdlalo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *