Sekubambe imali ukuthi uHunt ajoyine iStellies

Gavin Hunt Stellies
UGavin Hunt
UDABA: Alfred Ngubane
ISITHOMBE: Twitter

Sekusele ukuthi bavumelane ngezimali ukuthi uGavin Hunt ajoyine iStellenbosch FC. Lokhu kuhletshelwe Impempe ngosondelene nalo mqeqeshi ongowokuzalwa eKapa.

UHunt usanda kuchithwa kabuhlungu kwiKaizer Chiefs kulandela ukungezwani ngezinto eziningi nabaphathi beqembu.

“Sebexoxile futhi bayavumelana kokuningi psekusele nje manje imali. Iyona esibambezele konke. Imali abafuna ukumnika yona ukhala ngokuthi ncane kakhulu. Ayiwona ngisho uhhafu wale abeyihola kwiChiefs,” kusho lo mthombo.

Sekunesikhathi iStellies sikugadile okwenzeka ngoHunt kwiChiefs njengoba yayivele imhalela nangaphambi kokuthi akhethe ukuya eNaturena.

Kuthiwa ifuna ukuvala ngaye isikhala sikaSteve Barker ozokwehliselwa ezinkulisa zeqembu. UBarker ube nesizini embi njengoba iqembu lize lasinda ngosuku lokugcina ezembeni yize libophele abadlali abahle.

Kuzomele izibambe ziqine iStellies ukuze imthole lo mqeqeshi njengoba ne-Orlando Pirates kuthiwa iyamhalela uma kwenzeka idedela uJosef Zinnbauer. NeSuperSport United nayo sekuvelile ukuthi iyakucabanga ukumbuyisa lo mqeqeshi.

Akuthusi ke konke lokhu kwazise umsebenzi nempumelelo yakhe kwezokuqeqesha kuleli uyazikhulumela. Uphenduke undabuzekwayo ezinkundleni zokuxhumana ngempelasonto.

Bekubatshazwa ukuchitheka kwakhe ngolwazi lwebhola ngesikhathi engomunye wabahlaziyi kwiSuperSport TV emidlalweni ye-EURO 2020. Ukhombise ukuvuthwa kwakhe kwezokuqeqesha nolwazi lwamacebo ehlukene okudlala.

EMAIL: Editor@impempe.com
TWITTER: @impempe_com
FACEBOOK: Immpempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *