SEKUBHEDILE: Idlule ngehubo i-Al Ahly kaPitso kwiSundowns

UDABA: OKADONGA GUMBI
ISITHOMBE: TWITTER

Ukungenelwa yigoli umdlalo usanda kuqala kuvele kwawuphawu lokuthi izodinga ukwenza izimanda iMamelodi Sundowns ukuze iqhubeke nomkhankaso wayo kwiCAF Champions League. Yize ikuzame konke ebingakwenza, futhi beyihlasela iphindelela, kodwa izinto aziyivumanga iMasandawana.

Kube yi-Al Ahly kaPitso Mosimane edlulela esigabeni semidlalo eyandulela owamanqamu njengoba iwine ngo 3-1 sekuhlanganiswe imiphumela. I-Ahly yayiwine ngo 2-0 ekhaya ngempelasonto edlule.

BekuyiSundowns ebidinga ukusheshe ithole igoli ukuze lezi zivakashi zayo zizwe ukuthi akusiniswa mahleza. Kodwa kube yizo izivakashi ezisindisa kakhulu umthwalo weMasandawana njengoba zilishaye kuqala igoli.

Bekungumzuzu ka-11 ngesikhathi u-Ibrahim Saleh ebeka ezaseGibhithe phambili. Bekuyikhona egotshwe kwesokudle, wagxuma walingqofela enethini.

Kuvele kwacaca lapho ukuthi iSundowns isifana nomuntu othwele uthayela kunomoya njengoba bese kuzodingeka ishaye amagoli amane ukuze inqobe. Beyizama ke nokho, kodwa ifice kuvinjwe kahle emuva.

Empeleni nje kucishe kwaba yi-Ahly ethola elesibili, kodwa uDenis Onyango ukwazile ukugxuma alichithele phezu kwepali ibhola ebeliyingozi ngomzuzu ka-25. Emizuzwini emihlanu ukusuka lapho, iSundowns ilitholile elokulinganisa.

Kube nguMusa Lebusa ongqofela enethini ibhola ebeligotshwe nguLyle Lakay ngakwesokudla ngomzuzu ka-30. Alizange liyephule umoya iRed Devils leli goli njengoba beyisahubeka nayo icindezela.

IBrazilians iyona ebilawula umdlalo futhi isondela emapalini e-Ahly kodwa bekungahlangani kahle, ibingabukhali ngendlela efanele. Ucishe wakora ngomnyakazo wakhe wokuqala uMauricio Affonso ongene kusanda kuqala isiwombe sesibili.

Uhlangane nebhola ebeligotshwe kwesokudla, kodwa ibhola lakhe abelingqofile alangaba nawo amandla anele, walivimba kalula u-El Shanawy. ISundowns iyibhakuzisile inethi ngomzuzu ka-70, kodwa alangabalwa leli goli ebelishaywe nguPeter Shalulile. Inkinga kube wukuthi uqale ngokulivimba ngesandla ngaphambi kokukora, kanti unompempe uyambona.

Sekusele imizuzu eyisikhombisa uphele umdlalo, uGift Motupa ubesethi uqedile kodwa u-El Shanawy wanwebeka walithinta ibhola lakhe laphuma eceleni kwepali.
Email: Editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *