Sekucacile ngeDStv Premiership, iSundowns imuka nayo

Sekucacile ngeDStv Premiership, iSundowns imuka nayo
U-Andile Jali noPeter Shalulile
OkaDonga Gumbi

Cishe sekucacile kuwo wonke umuntu manje ukuthi into amanye amaqembu asengayenza kwiDStv Premiership ukulwela indawo yesibili – isicoco ngeseMamelodi Sundowns.

Leli qembu lasePitori likucacisile ukuthi ngeke lisasidedela isicoco njengoba selibheke ukusidla okwesithupha kulandelana nje ngesikhathi lishaya iChippa United.

IChippa beyingazibekile phansi futhi bekungathi ifuna ukuba yiqembu lesibili ukugingqa iSundowns njengoba iwe ngisho seyishoda.

Umdlalo uqale iSundowns iwuphethe kahle kuyiyo ezenzela umathanda ngebhola njengoba bekuphela isikhashana impela likuyo.

Kodwa iChippa iye ngokungena nayo emgwaqeni, yaqala yakhombisa ukuba nobungozana uma iphethe ibhola njengoba beyiyithola indlela eya phambili.

Kodwa kuthe la seyibonakala iqala ukuhlangana kahle futhi sekungathi kukhona engakwenza, kwayishubeka uSiphesihle Mkhize ekhishwa ngekhadi elibomvu kusaphele imizuzu engu-24 umdlalo uqalile.

Nokho ngemuva kwalokho bekumele ibekelwe iphenathi iChipha ngemuva kokuthi uRushine De Reuck edlalise kabi uBienvenu Eva Nga esebhokisini.

Unompempe uyizibile kodwa wayibekela i-free kick ngemuva kokuba sekudlaliswe kabi omunye umdlali weChippa.

Ngemuva kwalokho iSundowns ibonile ukuthi kukhona okusina kuyijeqeza, yaqala yaqinisa uma iya phambili.

Akuzange kuyithathe isikhathi eside njengoba kuthe ngomzuzu ka-44 u-Andile Jali walivalela enethini.

FUNDA NALA: Kuzohlonihswa uMagudulela ngezimpi ezivuthayo KwaNongoma

Kube yinhlanhla ke nokho ngoba ibhola lakhe beliyaeceleni, kodwa uzama ukulivimba uSibusiso Mthethwa labe selivele liya enethini yangakubo.

NeSundowns izithsiwe kade kumele ibekelwe iphenathi ngemuva kokuthi ibhola lizishayise engalweni kuRoscoe Petersen.

Nasesiwombeni sesibili womabili amaqembu abengazibekile phansi futhi kucaca ukuthi kungakora noma yiliphi phakathi kwawo.

Nokho kugcine kuvela ukuthi iSundowns inamava futhi ke ivele inabadlali abaningi kulo mdlalo njengoba uTeboho Mokoena esuke ebhentshini wafike washaya elesibili.

ISundowns seyizihola phambili ngebe lamaphuzu angu-17 manje okungelula ke ukuthi kungaba khona ongayifica uma ubheka indlela edlala ngayo.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.