Sekukhona abashaya amakhala ngoZwane ezikhulwini zeChiefs

Sekukhona abashaya amakhala ngoZwane ezikhulwini zeChiefs
U-Arthur Zwane
Alfred Ngubane

U-Arthur Zwane obambe njengomqeqeshi kwiKaizer Chiefs uselandelwa yizagila emhlane njengoba kukhona ezinye izikhulu zeqembu ezishaya amakhala ngaye noDillon Shappard.

Lezi zinsizwa zibambe ngokubambisana kwiChiefs kusukela kwaxoshwa uStuart Baxter kodwa izinto ziyabambimbela impela nje njengoba induku iqhuma ngapha nangapha.

Leli qembu selihlulwe kathathu ngaphansi kwalaba baqeqeshi ababili. Emdlalweni wokuqala bethathe izintambo njemuva bahluwe yiStellenbosch FC.

Baphinde bahlulwa yiGolden Arrows njengoba ngempelasonto behlulwe yiCape Town City ekhaya eFNB Stadium.

Kunesinye isikhulu esaphahluka ngemuva komdlalo we-Arrows sathi usihlalo uKaizer Motaung wathi abaqeqeshi balapha ngeke bakwazi ukuqeqesha iChiefs futhi wayeqinisile.

Lesi sikhulu, esingeke sisidalule ngegama njengoba sasidonsa ngendlela ukuthi singasiqhathi nefemu yaso, sathi bekungcono ngisho uBaxter.

FUNDA NALA: UJomo akanankinga nokuyogqashiya ehlathini uma nje esazodlala ibhola nakhona

“Hhayi ngeke, ayikho phela lento eyenziwa la. Akuyiwa phambili, akuyiwa emuva kudavuzwa ndawonye nje,” kusho lesi sikhulu.

La mazwi aso aveza ukuthi kukhona abathi ayilale, abanye bebe bethi ayivuke njengenkomo yomqoyiso laphaya eNaturena.

Leli qembu lifa yinduku kanjena nje livele lidlala isomiso seminyaka eyisishiyagalombili lingayazi indebe ukuthi yinto enjani.

Abaqeqeshi bayangena bayaphuma ekomkhulu leChiefs kodwa kunhlanga zimuka nomoya, amathunzi amampisholo awapheli.

Kuhluleke ngisho selilande isithenjwa salo uBaxter owalinqobisa amahlandla amabili iDStv Premiership phambilini.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.