Sekukhona iqembu elicijise izindlebe, lilinde uChippa enze njalo kuHunt

Sekukhona iqembu elicijise izindlebe, lilinde uChippa enze njalo kuHunt
UGavin Hunt
UDABA: Alfred Ngubane
ISITHOMBE: Twitter

Sekuvele ukuthi iSwallows FC isicijise izindlebe futhi isitshale nezinhloli ukuba zizwe ukuthi kwenzakalani ngoGavin Hunt kwiChippa United.

UHunt uphikwa yimiphumela kwiChippa kanti njengoba umphathi wayo uSiviwe “Chippa”Mpengesi aziwa ngokungalindi ibhadi, kulindeleke adedelwe noma kunini.

Emidlalweni emihlanu esayidlalile, iChippa isawine owodwa, yadlala ngokulingana kowodwa yabe seyidliwa kwemithathu kulandelana.

ISwallows yona isanda kunika umqeqeshi wayo uBrandon Truter ikhefu kanti abasondelene neqembu bathi akubonakali esazobuya.

Umthombo weMpempe uthe igama likaHunt selike lavela emihlanganweni yabaphathi njengomunye babangathanda azoqhubeka nomsebenzi uma kwenzeka ededelwa eGqeberha.

“Okusobala wukuthi uTruter akulula abuye. Okungenzeka wukuthi enganikwa omunye umsebenzi eqenjini kodwa hhayi ukuhola iqembu elikhulu.

“Abaphathi behlukene phakathi vele ngaye abanye bathi akadedelwe kanti abanye banozwelo lokuthi ulisize lisenkingeni iqembu,”  kusho umthombo.

Omunye umthombo ukhale ngokuthi noma kungaba yimuphi umqeqeshi ozothathwa ngeke aphumelele ngoba kunendoda eyodwa efuna ukulawula konke kwiSwallows.

“U(emdalula ngegama) nguye oxovayo laphaya. Noma bengathola uHunt kuzofana nokuthi bayazidlalela nje ngoba uzomvimba.

FUNDA NALA: Usexoshiwe uDa Gama kwiTS Galaxy ebihamba ngelonwabu

“Inkinga unesikhundla esinamandla kanti uzwana kakhulu noPanyaza Lesufi (umengameli weqembu) ngakho ngeke umenze lutho,” kusho omunye umthombo.

Uveze nokuthi sekuke kwaba khona ukuxhumana kwiSwallows noHunt bezwa amanzi ngobhoko kodwa wabakhomba kuMpengesi.

Uthe njengamanje sebecijise izindlebe balinde uMpengesi enze adume ngazo bese begxuma behlala bamlande lo mqeqeshi ovele wake wasebenza kwiSwallows phambilini.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.