Sekukubi kwabaphethe uKamohelo Mahlatsi ngebhentshi kwiChiefs

Sekukubi kwabaphethe uKamohelo Mahlatsi ngebhentshi kwiChiefs
UKamohelo "Nyaope" Mahlatsi weKaizer Chiefs

 

Abaphathi bakaKamohelo Mahlatsi sebecabanga ukumsusa kwiKaizer Chiefs bayomzamela kwenye indawo ngoba beboba ikusasa lakhe lifiphala. 

Lokhu kwenziwa wukuthi selokhu efikile eNaturena lo mdlali ugcina ngokulibuka linekiwe ijezi. 

Ebuzwa ngalo mdlali umqeqeshi weChiefs u-Arthur Zwane ezinyangeni ezimbalwa ezidlule wavele wamncoma wathi usazomdedela. 

Wathi ungomunye wabadlali abakwazi ukwakhela iqembu izikhala ngoba unesibindi sokuqonda isitobha ngqo. 

Nokho kuze kwaphela umzuliswano wokuqala kwiligi engakamniki ithuba. 

Kodwa ke kungenzeka ukuthi lokho kwenziwa wukuthi kukhona uKgaogelo Sekgota abanga naye indawo nowenza kahle kakhulu. 

Nokho ke abaphathi bakaKamohelo Mahlatsi onebhola elinomjiko sebekhathazekile ngesimo kanti ngokubika kwePhakaaathi sebecabanga kaningi.

“Sonke siyakuqonda ukuthi wonke umdlali kumele asebenze kanzima ukuze athole indawo eqenjini,” kucashunwe umthombo usho kanje kulo mbiko. 

FUNDA NALA: Ngabe uBroos ufisa uPercy Tau ashiye kwi-Al Ahly ukuze asize iBafana?

“Kodwa uma umdlali wakho enganikwa ithuba lokuzibonakalisa kukushiya nemibuzo ngokuthi kanti yini okumele ayenze.

“Uzibuza ukuthi kanti yini le okumele ayenze ukuze umqeqeshi weChiefs ambone naye amnike ithuba. 

“Asifuni ukugcina sinesimo esifana nesikaSiphelele Ntshangase, owahlala kuleli qembu engasetshenziswa. 

“Okwenzeka ngemuva kwalokho wavele waphela nje. Siyayibona lento yenzeka nakwamanye amaqembu abadlali bekhuhliswa ibhentshi baze baphuphe. 

“Asifisi ke lokho kwenzeke kulo mfana osemncane,” kuqhuba lo mthombo. 

– Intatheli yeMpempe

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *