Sekulindwe isinqumo kwelokubhalisa umdlali ongafanele kwe-Arrows

Sekulindwe isinqumo kwelokubhalisa umdlali ongafanele kwe-Arrows
USimo Mbhele
OkaDonga Gumbi

Umshusisi wamacala ePremier Soccer League uZola Majavu uyithole inecala iGolden Arrows ekutheni yabhalisa umdlali ngendlela engafanele.

Ibibhekene necala lokusayina lo mdlali ngendlela engafanele nelokumbhalisa ngendlela engeyiyo kwiPSL kodwa elokuqala yaliwina.

“Bebebekwe icala lokungahambisi kahle ekusayineni uSimo Mbhele. Udaba lulalelwe esigungwini sokuqondisa izigwegwe ngeviki elidlule.

“Lwaphethwa kodwa isinqumo sabe sesigodlwa. Sesiphumile ke isinqumo. Okokuqala, ecaleni lokungahambisi ngendlela ekubhalisweni kukaMbhele, bobabili uMbhele ne-Arrows batholwe bengenacala.

“Nokho ke isigungu esiqondisa izigwegwe sibathole bobabili benecala ekutheni ukubhaliswa kwakhe kwakungafanele.

FUNDA NALA: IDynamos isifuna iSundowns esitikini kwiNedbank Cup

“Njengoba sebetholwe benecala, udaba seludlulela esigabeni esilandelayo okungesokubahlawulisa. Udaba luzolalelwa ngoFebhuwari 15 la bezogwetshwa khona.

“Kodwa ngaphambi kwalokho bazonikwa ithuba lokwenza izethulo zokugcina. Uma lokho sekwenziwe, kuzobe sekuphuma isigwebo bese ngisazisa umphakathi.

“Ngale kwalokho ngeke ngiphawule ngalolu daba,” kucacisa uMajavu osebuya isibili kulesi sikhundla sokuba ngumshushisi wePSL.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.