Sekulindwe isinqumo sePSL ngecala leRoyal AM lokuduba imidlalo

Kungase kucace ngoMgqibelo ngokuthenga kukaMaMkhize iCeltic
U-Andile Mpisane nonina uShauwn "MaMkhize" Mkhize
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Sizophuma ngesonto elizayo isinqumo ngecala leRoyal AM ebilibekwe yiPremier Soccer League (PSL) iyisola ngokungayi emidlalweni yayo yokuhlunga. Leli cala belingene esigungwini sePSL esiqondisa izigwegwe ngoMgqibelo.

Liquliwe laqedwa futhi manje osekusele wukuthi kuphume isinqumo ngokuthi itholwa inecala noma cha, bese kuphuma nesigwebo sayo ngalokho.

IRoyal AM ayizange iyihambele imidlalo yayo yokuhlunga iqembu elizongena kwiDStv Premiership ebiqhathwe kuyo neRichards Bay FC neChippa United.

Lokhu yakwenza ngoba ithi inencwadi yasenkantolo evimbela ukuqhubeka kwale midlalo kuze kube kuphothulwa amacala asenkantolo ngokuthi ngobani ompetha beGladAfrica Championship.

Kodwa kuthe ngesonto elidlule inkantolo ephakeme yaseGauteng yayichitha iRoyal AM, yathi le ncwadi eyayigabe ngayo yayisiphelelwe yisikhathi ingasasebenzi.

Le ncwadi yayiyithole enkantolo ukuze ivimbe isinqumo sePSL sokuqhubeka nale midlalo. Kwakusenecala elisenkantolo namanje la iRoyal AM ifuna kuguqulwe ukubekwa kweSekhukhune United njengompetha beGladAfrica Championship.

Lokhu kuyiphoqe ukuba iye ukuyoqula icala layo esigungwini sePSL esiqondisa izigwegwe. Nokho ikuvezile ukuthi udaba lwayo alukapheli njengoba izoludlulisela enkantolo yomthethosisekelo ukuba luyobuyekezwa khona.

FUNDA NALA: UBlom usefuna balibambe igiya abawine ngalo iCarling Cup ngempelasonto

Sekuphinde kwavela nokuthi iPSL izobamba umhlangano wayo omkhulu webhodi labaphathi. Kulo mhlangano kulindeleke wonke amaqembu angu-32 adlala ezigabeni zayo abe khona.

Usuku lwalo mhlangano alukakhishwa kodwa kuhlawumbiselwa ku-Agasti 14. Yize uhlu lwezindaba ezizodingidwa lungakakhishwa. Kodwa sekuvelile ukuthi udaba lwecala leRoyal AM nalo luzobhungwa.

Abazazi kangcono ezePSL bathi kulindeleke kuphunywe nezinqumo ezinqala ezizosiza ekutheni isimo esifana nalesi esenzekile asiphinde sibe khona.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.