Sekulindwe isinqumo sePSL ngokudayiswa kweTTM

Usihlalo weTshakhuma Tsha Madzivhandila okuthiwa akafuni ukuba sebholeni ngoba limudle izimali ezishisiwe
OkaDonga Gumbi
Sekuncike ekutheni isigungu esiphezulu sePremier Soccer League (PSL) sizokuvuma yini ukudayiselana ngeTshakhuma Tsha Madzivhandila kukaMasala Mulaudzi nesicebi sasePolokwane, u-Abram Sello.
UMulaudzi – osekuvele ukuthi akasafuni lutho oluzomhlanganisa nebhola ngendlela eselimsenge ngayo – kuthiwa usesifakile isicelo sokudayisa iqembu lakhe sihambisana nazo zonke izimfanelo zakhona kwiPSL.
Cishe iPSL izocindezeleka, iphoqeleke ukuba ikugunyaze lokhu kudayiselana ngenxa yokungcoliseka kwegama lale nhlangano okwenzeka ngoMulaudzi osekuvele ukuthi ukweleta cishe umdlali okuTTM imali yomholo njengoba bebebuye bayithole ingaphelele.
Ngokuthola kweMpempe, uMulaudzi ulidayise ngoR45-million iqembu kodwa yena uzothola uR35-million ozoza kuye bese kuthi ingxenye enguR10-million ezosala lapho kukhokhelwe izindleko zeqembu okubalwa kuzo nemiholo yabadlali.
Khonamanjalo, umengameli wenyunyana yabadlali, iSouth African Football Players’ Union (SAFPU), uThulaganyo Gaoshubelwe uthe sebehlanganile noSello ngenhloso yokuzwa izinhlelo zakhe ngeqembu.
“Sihlanganile nabadlali njengoba wazi ukuthi sekubikiwe ngokudayiswa kweTTM. Nokho siyazi ukuthi ngaphambi kokuthi kube nokwenzekayo, kumele iPSL ikugunyaze,” kusho uGaoshubelwe.
“Sesixhumanile futhi nalo okuthiwa ufuna ukuthenga iTTM saxoxa ngabadlali abakweletwa imiholo. Asikwazi kodwa ukumphoqa ukuthi agcine abadlali, uma kukhona angabadingi yilungelo lakhe ukuthi abadedele.
“Thina esizokuqapha wukuthi izinto zenziwa ngendlela efanele, kulandelwa yonke imigomo nemithetho. Ngeke sithi kuye ‘awukwazi ukuxosha lo, noma loyana’. Yena kuzomele ahlale phansi nomdlali angamdingi, bavumelane ngokuthi banxephezelana kanjani ngokunqanyulwa kwenkontileka,” kuchaza uGaoshubelwe.
Uthe bazolokhu besondela bezoqinisekisa ukuthi amalungelo abadlali awanyathelwa ngezinyawo futhi yonke into yenzeka ngokufanele.

Leave a Reply

Your email address will not be published.