SekunguMkhalele iphini lomqeqeshi kwiBafana

UHUgo Broos noHelman Mkhalele
UDABA: OKADONGA GUMBI
ISITHOMBE:
SAFA

Seyigcine iqashe uHelman “Midnight Express” Mkhalele esikhundleni sokuba yiphini likaHugo Broos kwiBafana Bafana iSAFA. Le nhlangano ike yaba nezixakaxaka njengoba beyiphikisana noBroos obefisa ukuqasha uMolefi Ntseki.

Nokho ugcine edelile lo mqeqeshi waseBelgium osanda kuqashwa kulesi sikhundla esesihlule abaningi phambilini. UBroos wayethe into ayithanda ngoNtseki ukuthi ubazi kahle bonke abadlali beBafana – abakuleli nabaphesheya.

Kodwa kuleli viki kuvele ukuthi uNtseki neSAFA abavumelananga ngokuthile uma sekumele kusayinwe izinkontileka zokusebenza. UNtseki nguye ubengumqeqeshi kwiBafana kodwa waxoshwa ngemuva kokuhluleka wukuyifaka emidlalweni yeCAF Africa Cup of Nations yangonyaka ozayo.

Nokho ngemuva kokuzwana noBroos ahlangane naye amahlandla aze amabili, ubesezimisele ukubuyela kuleli qembu ayoba yisekela. Nakho-ke iSAFA seyimchitha.

ISAFA yayivele ishaya amakhala ngoNtseki owamenyezelwa nguBroos emsakazweni ukuthi usemqashile. Akuphelanga sikhathi esitheni iSAFA yakhipha isitatimende ithi yona ayiliqashi iphini lomqeqeshi.

Kukholakala ukuthi yikho lokhu okwenze nezingxoxo zabo zangaba nempumelelo. Phela iSAFA noNtseki bake baxabana ngesikhathi imxosha. Yena wayibuza ukuthi imxosha kanjani emhlanganweni nabezindaba ingakakhulumi naye.

Nokho kubonakala sekuqondisiwe konke manje njengoba sekuqashwe uMkhalele owayeyisihlabani kuyo iBafana esadlala. Le nsizwa edabuka eNewcastle, yayikhona eqenjini leBafana eladla isicoco se-AFCON ngo-1996. Wayekhona futhi nakwele-Orlando Pirates eladla eseCAF Champions League ngo-1995.

Ubevele ekhona ezinhlakeni zeSAFA njengoba ebengumqeqeshi weqembu lesizwe labafana abaneminyaka engaphansi kuka-20, Amajita. Elinye isekela liakBroos, uCedomir Javenski kulindeleke lifike kuleli ngenyanga ezayo.
Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.