Sekunokwesabela ingcindezi kuNgcobo okhuhla ibhentshi kwiChiefs

Sekunokwesabela ingcindezi kuNgcobo okhuhla ibhentshi kwiChiefs
UStuart Baxter
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Ukungadlaliswa kukaNjabulo Ngcobo kwiKaizer Chiefs kukhuphulela abalandeli baleli qembu ushukela – abanye sebeze baveza ukuthi kumele avele asheshe ahambe umqeqeshi uStuart Baxter.

UNgcobo ufike kwiChiefs nethemba lokuthi uzosiza ekuvaleni le mbobo evuzisa qede ifake amanzi endlini odongeni lwasemuva kuleli qembu.

Ngesizini edlule, ngesikhathi ekwiSwallows ukukhombisile ukuba yisitobha esisezingeni ngendlela yokuthi ubehalelwa nayiMamelodi Sundowns.

Impempe ike yakuveza ukuthi ngisho uPitso Mosimane we-Al Ahly uke wabuza ngalesi sitobha esiwine indondo ekupheleni kwesizini edlule.

Kodwa kubo bonke abadlali abasha kwiChiefs, uNgcobo uyena yedwa ongalitholi ithuba lokudlala.

Lokhu ke akwehli kahle kubalandeli kwazise iqembu aliyekile ukuvuza emuva lapho befisa avale khona.

Ebuzwa ngesimo sikaNgcobo emavikini amabili edlule, uBaxter wathi kusazothatha isikhashana ukuthi amfake ngoba usazama ukuhlanganisa laba adlala ngabo.

“Ngeke ngivele ngiyeke laba abaqala imidlalo njengamanje kungekho phutha abalenzile ngoba ngifuna ukufaka umdlali omusha,” washo kanje uBaxter.

Kodwa Impempe seyihoshe umoya wokuthi abaphathi bakaNgcobo abeneme ngesimo sakhe ngoba besabela ukuthi iyakhula ingcindezi njengoba engadlali.

“Abakusabayo wukuthi kuzothi esedlaliswa ebe esenengcindezi enkulu,” kusho umthombo osondelene nalo mdlali.

“Njengoba abalandeli befuna afakwe nje, kuzokwenzeka umqeqeshi emfake hhayi ngoba ethanda kodwa ngoba esephoqelekile.

“Akusona ke isimo abafisa adlale ngaphansi kwaso leso ngoba uma kungenzeka enze iphutha, kuyomcindezela kakhulu lokho.”

UBaxter usaqhubeka nokudlalisa uDaniel Cardoso noMulomowandau Mathoho, abakhombisa ukungaxhumani kahle yize sebeneminyaka ecela kwesiyikhombisa bedlala ndawonye.

Ebuzwa ngalokhu kungaxhumani kahle kukaMathoho noCardoso emasontweni ambalwa edlule, uBaxter wathi akuyona inkinga yakwiChiefs kuphela kodwa eyebhola lakuleli.

NoCardoso wake wabuzwa ngalokhu phambili kanti yena wakucacisa ukuthi uyesaba ukuthetha uma edlala noMathoho ngoba abanakho lokho kuxhumana okwenza akhululeke.

Wathi yena wayexhumana kahle noLorenzo Gordinho ngoba babethethisana ngokungasabi ukuthi kuzozwela komunye.

FUNDA NALA: Kubikwa uqhekeko kwiPirates kubangwa zophatha phakathi kukaNcikazi noDavids

UMathoho ungumuntu ozithulelayo nonesizotha ongathandi ukukhuluma kakhulu. Cishe yikho lokhu okusinda uCardoso.

UMathoho akakwazi ukuthethisa noma ukucebisa ozakwabo uma besenkundleni ngenxa yendlela adalwe ngayo.

Leli ke kodwa yifindo okubukeka kuzodingeka uBaxter asheshe aliqaqe ngoba lingaze ligcine limkhuba bese ephenduka iqaqa kungenasidingo kubalandeli.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.