Sekuqediwe, iCeltic iya eThekwini ngoMsombuluko, iRoyal AM iya eVenda

UDABA: Alfred Ngubane
ISITHOMBE: Twitter

Sekuqediwe konke ngokudayiselana phakathi kweBloemfontein Celtic neRoyal AM. Impempe seyingakuveza ukuthi sekulindwe ukuba iPremier Soccer League inqume ngokushintshwa kwamagama kuphela ngoMgqibelo.

Abasondelene nabaphathi beRoyal AM, uShauwn “MaMkhize” Mkhize nendodana yakhe u-Andile Mpisane, bathi sekuqediwe konke ngezinkulumo kwaze kwakhokhelwana.

Isitifiketi seRoyal AM sokudlala kwiGladAfrica Championship naso sesidayiselwe uLawrence Mulaudzi osevuse kabusha iTshakhuma Tsha Madzivhandila.

ITshakhuma seyivele isikhiphile isitatimende ichaza ukuthi seyibuyile njengoba seyithenge isitifiketi seRoyal AM.

Nokho udaba obelungakacaci ngelokuthi ngabe amagama azoshintshwa yini. ITshakhuma iqinisekise nokuthi iqembu lizodlalela eThohoyandou Stadium.

“Sekuqediwe konke njengamanje. Sesilinde ukuzwa ngendaba yamagama kuphela. Uma kulunga yona, iRoyal AM izobe idlala kwiDStv Premiership nakanjani ngesizini ezayo,” kusho umthombo.

IPSL beyisivele ilukhiphile uhlu lwemidlalo yeligi kwiPremeirship nakwiChampionship. Uma kuwukuthi iyakuvuma ukushintshwa kwamagama, kuzomele luqalwe phansi.

Angithi phela endaweni yeCeltic kuzobe sekungena iRoyal AM, bese kuthi kweyeRoyal AM kwiChampionship kungele eleTshakhuma.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.