Sekuqokwe inxusa lomjaho wokuhlonipha uMshengu weMambazo

Sekuqokwe inxusa lomjaho wokuhlonipha uMshengu weMambazo
Alfred Ngubane

UZinhle Shabalala nguye oqokwe waba yinxusa lomjaho wokukhumbula nokuhlonipha iqhawe leLadysmith Black Mambazo, uJoseph “uMshengu” Shabalala.

Ukuqokwa kukaZInhle kuqinisekiswe yindodana kaMshengu endala, uThulani Shabalala ngesikhathi ekhuluma neMpempe muva nje.

Uthi bafuna ukuhlonipha uMshengu ngomjaho benzela ukuvula indlela yokukhuthaza abantu abasha ukuthi baphokophele phambili ngempilo bangangeni ezidakamizweni.

Bazonxuswa ukuba bakopele kuMshengu kwazise uhambo lwakhe esakhula aluzange lube lula neze njengoba ashonelwa nguyise eneminyaka engu-12.

“Kodwa waphokophela phambili njengoba iBlack Mambazo ihambe umhlaba wonke futhi yacula ngokuhlanganyela nabaculi abahlukene abahamba phambili emhlabeni.

“Ukukha phezulu nje ngingabala oMichael Jackson, Dolly Parton, Paul Simon nabanye abaningi kakhulu,” kusho uThulani.

Leli qembu lesicathamiya linabalandeli umhlaba wonke jikelele. Njalo ngonyaka bajikeleza umhlaba wonke benza amakhonsathi.

FUNDA NALA: Uzovumbuka kwiRoyal AM uJele ogajwe yiPirates 

Kumanje nje balungiselela amakhonsathi azoqala ngeyase-USA bese bedlulela nase-Europe lapho bezohambela khona amazwe ahlukene.

Yize lo mjaho usekude, kodwa usuvele ubhekwe ngabomvu ngabaningi njengoba kulindeleke kugijime kuwo nosaziwayo abaphuma emzweni ehlukene.

Lo mjaho uzofijinywa ngosuku eyashona ngalo le nkakha yomculo okunguFebhuwari 11 kanti kuhlelwa ukuthi ube minyanka yonke.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.