Sekuqubule izinsolo ezingezinhle ukwesekwa kukaMotsepe ngoweFIFA

UPatrice Motsepe

OKADONGA GUMBI

Sekuyacaca manje ukuthi akukho okuzovimba umengameli weMamelodi Sundowns, uPatrice Motsepe ekuphatheni ihlangano ebhekelele ibhola e-Afrika, iConfederation of African Football (CAF).

Lokhu kulandela ukuvela kwezindaba zokuthi ababili abebangisana nabo okhethweni lukamengameli omusha weCAF o-Augustin Senghor waseSenegal no-Ahmed Yahya waseMaurtitania sebevumile ukuhoxa kulolu khetho.

Laba banxuswe ngumengameli weFIFA uGianni Infantino ukuba badedele uMotsepe bese bona bengena kwezokuba ngamaphini akhe.

U-Infantino naye usekhempini kaMotsepe kanti ukungenelela kwakhe kuwunike isisindo umkhankaso kaMotsepe owethule izinto ezilishumi azoqala ngazo uma esephethe kwiCAF ngeviki eledlule.

Phakathi kokunye uMotsepe wethembise ukunyuswa kwemali etholwa amaqe!bu awina imimcintiswano yale nhlangano ukuze kukholeke kahle nabadlali.

Nebhola labesifazane lizothola ukunakwa okulifanele ukuze lidlondlobale, ngokusho kwale nkinsela enamabhizinisi amaningi ehlukene.

Nokho lokhu kwesekwa ngu-Infantino kukaMotsepe sekuqubule ukwesaba kwabanye ngokuthi naye uzogcina eseyisithusanyoni esilawulwa yiFifa.

U-Infantino useqede amaviki amabili ehambela amazwe ehlukene e-Afrika kanti sekusolwa ukuthi inhloso yakhe enkulu bekuwukuzoqinisekisa ukuthi iCAF ikhetha umuntu ofunwa yiFIFA.

“Kunzima ukucabanga esinye isizathu ngaphandle kokuthi ukuhambela kukamengameli weFIFA e-Afrika ngaphambi kokhetho lokwengamela iCAF ngale kwesokuzama ukugxambukela ekutheni kukhethwa bani. Wenza okufanayo nasokhethweni oludlule,” kubhala ingqapheli yebhola lase-Afrika uTariq Panja kwiTwitter.

Nabanye baveze ukungakuzwisisi kwabo ukuzwana kukaMotsepe no-Infantino, bethi kuzomenza agcine eyisithunywa seFIFA kunokuba asebenzele kuvuselela nokuthuthukisa ibhola ezwenikazi.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *