Sekuseduze lifezeke elokudlala e-England kuTau

OkaDonga Gumbi

Isifiso esikhulu sikaPercy Tau sokudlala ku-English Premier League sekuseduze sifezeke njengoba imithetho yokuthola imvume yokusebenza kuleliya lizwe seyijikile kulandela ukuphuma kwe-United Kingdom ngaphansi kwesigungu se-European Union.

Kusukela ngoJanuwari 1, i-UK ayisekho ngaphansi kwe-EU kanti lokhu kuze nezinguquko ezinigi mayelana nokusebenza komnotho kumazwe angaphansi kwe-UK. Lokhu futhi kuqhamuke ngesikhathi esihle iqembu elimbolekise eBelgium, iBrighton and Hove lingenzi kahle futhi lidinga ukuqinisa lapha nalapha.

UPercy Tau okungenzeka kuphelele le nyanga esedlala e-England

Ngokombiko ochicilelwe yiCity Press ngempelasonto, uTau usengayithola manje imvume yokudlala e-UK futhi neBrighton seyike yayincinza iRSC Anderlecht iyazisa ukuthi kungenzeka imdinge maduze lo mgadli wayo ovuthayo. Elinye lamaphephandaba aseBelgium licaphune umqeqeshi weSeagulls – okuyisidlaliso seBrighton – uGraham Potter ethi sebenesikhathi bembhekisisa uTau.

“Ngiyazi ukuthi udlala kahle kakhulu. Uyawashaya amagoli futhi ubukeka ekujabulela ukuba senkundleni. Yinto enhle kakhulu leyo,” kusho uPotter.

Lo mgadli onemiyaka engu-26, usehlale eBelgium iminyaka emibili njengoba afikela kuClub Brugge lapho asheshe aphenduka intandokazi yabalandeli ngenxa yezimanga ayezenza. Wasiza leli qembu lawina iligi. Ube esebolekwa yi-Anderlecht kule sizini kanti nakhona usaqhubeka nokuzakhela igama njengoba emidlalweni engu-14 esenamagoli amane. UTau wasayina kuBrighton ngo-2018 ngesamba esibalelwa kuR50-million ngenkontileka yeminyaka emine. Nokho akakaze adlale kuleli qembu ngenxa yokuthi imithetho ibingamvumeli ukuthi adlale esigabeni esiphezulu e-England ngenxa yendawo ephansi iBafana Bafana ekleliswe kuyo.