UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter
IMamelodi Sundowns Ladies izibeke ethubeni elihle lokudlulela kowandulela owamanqamu kwiCAF Women’s Champions League ngemuva kokushaya iRivers Angels yaseNigeria ngo 1-0 ngoLwesibili ebusuku.
Iqembu lakuleli bese liwina umdlalo wesibili kwiChampions League yabesimame ebanjelwe eCairo e-Egypt.
Emdlalweni wokuqala liwine ngaye u 1-0 lishaya iQueens yaseKenya.
Lokhu kuchaza ukuthi iBanyana Ba Style isinamaphuzu ayisithupha okuyibeka esimeni esihle kakhulu.
Emdlalweni wangoLwesibili e-Al Salam Stadium, eCairo, kucacile ukuthi womabili amaqembu abewafuna ngayo yonke indlela amaphuzu amathathu.
Phela lamaphuzu yiwona abezohlahla indlela ebheke kweyandulela owamanqamu.
Kube yigoli likaZanele Nhlapho elingene ngomzuzu ka-16 okuyilona elikhulule izintombi zeDowns.
Ngemuva kwaleli goli womabili amaqembu abedlala ngendlela efanayo kodwa akukho okwenzekile kwaze kwaphela isiwombe sokuqala.
I-Angels ibuye seyivutha ngesiwombe sesibili izama ukuthola igoli lokulinganisa.
Nokho inhlanhla yenqabile yize iSundowns izithole inengcindezi izikhathi eziningi.
Ngomzuzu ka-53 i-Angels ilishayile igoli kodwa unompempe wangalivuma ngoba lishaye esandleni somdlali waleli qembu ngaphambi kokuthi likhale enethini.
Ngemizuzu yokugcina bese kuvalwa amehlo i-Angels ihlasela kodwa iSundowns yakwazi ukubambelela egolini elilodwa.
Leli qembu laseChloorkop sekuyisikhathi eside lingayazi induku futhi kubukeka lizokwenza kahle nakwiChampions League.
FUNDA NALA: UDolly usebheke ukusiza neBafana njengoba enza kwiChiefs
Kubukeka kungekho okuzolivimba ukuthi lidlulele kweyandulela owamanqamu njengoba kudlula amaqembu amabili
eqoqweni ngalinye.
Ngemuva komdlalo wangoLwesibili iSundowns Ladies izobhekana ne-ASFAR yaseMorocco ngoLwesihlanu.
Lona ngomunye umdlalo okubhekeke ukuthi udle ngokushuba kodwa awusasindi kakhulu kwiSundowns kwazise seyidinga iphuzu elilodwa.