Sekusele imicikilisho emincane ngaphambi kokuthi uTau asayine kwi-Ahly

Sekusele imicikilisho emincane ngaphambi kokuthi uTau asayine kwi-Ahly
UPercy Tau
UDABA: Njabulo Shezi
ISITHOMBE: Facebook

Kubukeka konke kuhamba ngolayini phakathi kukaPercy Tau ne-Al Ahly yaseGibhithe njengoba sekusele ukuthi lo mdlali ahlolwe ngokwezempilo bese esayina ngokugcwele.

UTau uzophinde ahlangane nowayengumqeqeshi wakhe kwiMamelodi Sundowns, uPitso Mosimane njengoba manje esekwi-Al Ahly.

Lo mdlali usuke kwiSundowns ngoba esesayine kwiBrighton and Hove Albion yase-Engla.

Leli qembu labe selimbolekisa emaqenjini ehlukene eBelgium njengoba kulokhu esezobolekiswa kwi-Ahly. Udlale kahle ngesikhathi eseBelgium iBrighton yabe seyimlanda.

Nokho akuzange kumhambele kahle. Nokho bekubukeka kuzogcina kumlungele kule sizini ikakhulukazi ngemuba kokuba eshaye igoli elihle emdlalweni wobungani emasontweni amabili edlule.

Ngesikhathi kuphothulwa isizini efile bekulindelekile ukuthi uTau alishiye leliqembu kodwa umqeqeshi walo uGraham Potter wawahlehlisa wonke lawo mahebezi njengoba aze aveza nokuthi unezinhlelo ngoTau.

UPitso ubesevele ezwakele kwizinkulumo zakhe zakamumva ukuthi ugaqele lesi sibabuli akholelwa ukuthi sabunjwa nguye. Usegcine emtholile.

FUNDA NALA: UNomvete ubafundisa ngokwenza abagadli kuMaZulu

“UPercy uneminyaka engu-27 manje maduzane uzobe esethatha umhlalaphansi kanti usakulambele ukudlala ibhola.

“Kuyoze kube nini kulokhu kuthiwa akulindwe hlampe ngesizini ezayo kuzoba ngcono ekubeni iminyaka ihamba” kubekaPitso ekhuluma noVictor Molife woKhozi FM.

UTau kulindeleke asayine inkontileka yeminyaka emibili kanti isiyonke imali esivumelwanani anaso ne-Al Ahly kuthiwa sinesamba esibalelwa ku-R30-million.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.