UMBIKO: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter
Yimizuzu engu-45 kuphela esime phambi kweKaizer Chiefs nokuqopha umlando ngokufika kowamanqamu kwiCAF Champions League okokuqala. IChiefs isabambene ngo 0-0 beWydad Athletic yaseMorocco emdlalweni owandulela owamanqamu eFNB Stadium.
Leli qembu laseNaturena lihamba phambili njengoba lawina umlenze wokuqala ngo 1-0 ekuhambeni. Manje lidinga ukubambana neWydad noma ke liwine ukuze lingene kowamanqamu.
Umdlalo uqale zihubhana udede njengoba iWydad beyifuna igoli kuqala ukuze ibuyisele ingcindezi kwiChiefs. Kodwa ifice lisekhona ibhasi elayivimba nasemdlalweni odlule. Unozinti weChiefs, uDaniel Akpeyi useke wavimba amabhola amabi eWydad.
Nayo iChiefs isike yayivikisa kwavalwa amehlo iWydad, ifuna igoli elizoyibeka ethubeni elingcono kakhulu lokudlulela kowamanqamu. UBernard Parker ube nebhabi ibhola abelingqofile ngomzuzu wesithupha liphuma eceleni kwepali selimdile unozinti.
NoWIllard Katsande limhlule kancane ithuba mphakathi nesiwombe sokuqala. Yize iChiefs igxile ekuvaleni emuva, kodwa ikhombisa ubungozi okuyinqaba uma ike yathola intuba yokuhlasela. Umdlalo usaqhubeka futhi umbiko ogcwele sizokwethulela wona uma sewuphelile.