Sekusele kancane iNatal Rich Boyz ingene endumisweni

Sihle Ndlovu

IRichards Bay FC sekumele ithole iphuzu elilodwa kule midlalo emibili esele kwiGladAfrica Championship ukuze inyukele kwiDStv Premiership.

Leli qembu laKwaZulu-Natal lizibeke ebuhleni kulandela ukushaya iTS Sporting ngo 2-1 emdlalweni weGladAfrica Championship KaBokweni Stadium, eNelspruit, ngeSonto ntambama.

Ukuwina kweBay kuyenza iqhubeke nokuhlala esicongweni ngomehluko wamagoli. Isishiyana ne-University of Pretoria ngamaphuzu amabili njengoba idlale ngokulingana neCape Town Spurs ngo 2-2 ngalo iSonto.

Ngendlela izinto ezimi ngayo kuyacaca ukuthi emidlalweni yokugcina wonke amaqembu azobe ebambe umoya ukuthi indebe izogcina ishone ngakuphi.

FUNDA NALA: Kubatshazwa ikhono lendodana kaScara Ngobese kwiChiefs

Nokho amaqembu azolala endaweni yesibili neyesithathu azothola ithuba lokudlala imidlalo yokuhlunga.

Imiphumela  yemidlalo yayizolo ichaza ukuthi iTS Sporting seyidliwe yizembe yalandela iJomo Cosmos nayo esiyodlala kwi-ABC Motsepe League.

Amaqembu anethuba lokudlala imidlalo yokuhlunga uma isicoco sigcina sihamba neBay, yiTuks neCape Town All Stars.

Emdlalweni wangeSonto umdlali oshaye into ecokeme uMpho Mathebula noqokwe njengomdlali wosuku. Emdlalweni wokugcina iNatal Rich Boyz izobhekana neCape Town Spurs

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.