Sekusele kancane ingene kwiDStv Premiership iRoyal AM

Abadlali beRoyal AM

ALFRED NGUBANE

Isidinga ukudlala ngokulingana emdlalweni wayo wokugcina ngeviki eizayo iRoyal AM ukuze kube yiyo ewina isicoco seGladAfrica Championship. Iqembu elizonqoba lesi sicoco yilo elizonyuselwa esigabeni esiphezulu.

Ikukhombisile ukuthi ikulambele lokhu njengoba ibuye kade seyilandela ngemuva kwi-University of Pretoria eTuks Stadium ngeSonto ntambama yagcina iwinile ngo 2-1 okuyenza ibe negebe lamaphuzu amathathu phezulu.

AmaTuks yiwo alishaye kuqala igoli kulo mdlalo, futhi bese kubonakala azoyibambezela iRoyal kwazise ibiwadinga amaphuzu. Kodwa kuthe sekusele imizuzu emibili, uTshepo Liphoko wayibuyisela emdlalweni iRoyal.

Ithole i-free kick ngaphandle kancane nje kwebhokisi leTuks, wavele wayisika ngobuchule ibhola lahamba layozilahlela enethini. Kube wumphumela omkhulu lona kwiRoyal njengoba uyibeke emnyango weDStv Premiership. Sekusele kuyo ukuthi iyavula iyangena noma izovuma ukuthi iSekhukhune United siyidonse.

Isekhukhune yiyona yodwa esangakwazi ukudlula iRoyal kulandela ukushaya kwayo iPolokwane City ngo 2-0 ukuze igxumele endaweni yesibili.

IRichards Bay eke yazihola phambili isikhathi eside, isizolwela ukudlala kweyokuhlunga manje. Lokhu kulandela ukuthi ibanjwe yiJomo Cosmos ngo 1-1 ngalo iSonto ntambama. Lokhu kuyehlisele endaweni yesine.

Yize bezithengana, kuze kwayiwa ekhefini ingekho evuma ukugoba uphondo. Luze lwagcina lungathi luyagoba kwiCosmos esiwombeni sesibili uSiyabonga Vilane elinamathisela enethini esanda kungena.

Kodwa zigolozile Ezenkosi ukuthi zishayelwe ekhaya, zabuya zalinganisa ngegoli elishaywe nguSanele Gumede ngomzuzu ka-75. ITS Sporting yona isendaweni yesithathu njengoba ishaye Uthongathi ngo 1-0.

Imiphumela: Steenberg 1 JDR Stars 1; CT All Stars 1 Cape United 1; FS Stars 3 CT Spurs 1; Pondo Chiefs 2 Pretoria Callies 4; University of Pretoria 1 Royal AM 2; Jomo Cosmos 1 Richards Bay 1; Sekhukhune 2 Polokwane 0; TS Sporting 1 Uthongathi 0

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.